Ingqwele Yosiba MLU GAZU

Ingqwele Yosiba MLU GAZU

Share

Sanbona bangani baka Mlungisi Gazu ngidlulisa ukubonga okukhulu ngokuhlala ningeseka ezintweni enginibhalela zona niqhubeke ningayeki

07/10/2026

ITHUNA

Ikhasi 8

Saguduza umfula noMengameli ngesikebhe saze sayophumela lapho engivame ukuphumela khona uma ngihamba ngedwa, sengize ngayifunda lendawo, safike sathukusa iskebhe sabe sesithatha imgodla yethu senyukela entabeni, konke sekumi ngomumo.

Safike sahlala phansi kulentaba sadonsa uzipopolo zethu sabuka phesheya ezindlini zombuso, kuphithizela ngokweqile namuhla, ayaphuma ayangena ama Loli agcwele izinsizwa, sahlala phansi sacwaninga noMengameli, iqhinga lethu labe lithi sizolinda kuthi ukuhwalala kuze kune kunqundeka amehlo bese siyakususa lokho okwasuka embongolweni, ngokohlelo lwami lwaluthi uMengameli uzosala khona lapha entabeni bese mina ngihamba ngiyozama usizo ngaphakathi, owakhe umsebenzi wawuzoba lula wabe ezosala eqhumise amabhomu lawa engiwacuphile kepha lokho wayezokwenza ngendlela engimtshele ngayo, kwabe kungewona nomthwalo ongamesinda lowo ngoba uqhumisa yonke into ehlezi khona la akanyakazi nhlobo, okwakhe nje ukucofoza inkinobhana kulomshini omncane awuphethe kusuke lokho.

Sahlala lapho entabeni kwaze kwaphakama ilanga sibuka yonke into eyenzekayo ngezipopolo zethu bayaphuma bayangena wena owabona izinyosi zithathela uju sishintsha is'khundla, ubuyaluyalu,

Kwaba sengathi omdala wezinsuku kanye namathongo akithi ayayizwa imkhuleko yami ngoba ngangilokhu ngikhulekela ngenhliziyo ngicela kwabakithi ukuthi izulu lilethe noma imkhizo emncane nje ezokwenza baqoqane ndawony ukuze kuzoba lula ukugadla kwami, ngabe ngazi kahle ukuthi uma kuke kwanetha izulu banqobelana ndawonye onkabi laba wena owabona izimvu zesaba ilanga.

Ngalibona lishintsha izulu lahlanganisa amafu ngokushesha kwashintsha nomoya uyabona ukuthi lingaduma noma kunini, ngake ngaqala ngamamatheka ngasukuma ngalibuka kahle ngezipopolo, impela amafu ayasondela futhi amnyama bhuqe akhomba imvula, sahlala salinda, kwamele ukuthi nohlelo lwami ngilushintshe ngokushesha ngisebenzele kulo lelizulu elifuna ukuduma, impela abakithi banami usuzoba lula umsebenzi wami, ngamtshela uMengameli ukuthi ngiyayikhulula manje eyakwethu embandeni ukuba idle abafokazana.

Lagqunqa laba mnyama bhuqe laqalisa lakhemezela laphazima, ngahlala kancane ngalinda kwathi ukugqugqa kube mnyama ngase ngiphuma mtaka Baba, ngamshiya khona lapho uMengameli ngehlela khona, isibindi enginaso esebhubesi, ngathi uma ngiwela umfundlana ngenyukela khona ngase nginqomana nebutho phakathi nentaba, lathi uma lishaya umbani izulu ngahlala obala zamemeza kanyekanye lezinsizwa ngenhlanhla azizwakalanga ngoba lavele lagadla kakhulu izulu kwangathi kugqebhuka amatshe ngashaya kuwo lowo mnyama ngavithiza ngenhlamvu ngihambisana nakho ukuduma kwezulu, ngashaya isithula msindo, ngavuka lapho ngazibutha ngaqhubeka nganyonyoba ngaya phambili, ngifike ngibhace ngesihlahla ngilinde liphazime ukuze ngibone kahle ngiphinde ngiqhubeke, ngahamba ngaze ngafika kulolucingo ulubiyele lendawo, ngalinda buqamama, lathi uma liphazima ngababona bemi izinqwatshanyana akulula neze ukungena, ngacofa ibhomu eyodwa ezansi, yashaya kwazamazama yonke into kwasuka isibhudubhudu kubhekwe khona, ngathola ithuba lokuthi ngigijime ngiqonde ocingweni ngafike nganombela ngaze ngayowela ngaphakathi, ngavuka ngazithatha nomgodla wami emhlane, ngagijima ngaze ngayobhaca ngezindonga , sekuyisiphithiphithi lapha ngaphakathi kunyakaza zonke izimoto, ngiphinde ngiyizwe enye ibhomu isho phesheya okusho uMengameli useyagadla, sasuka mawala isiphithiphithi bedlula khona lapha phambi kwami ngejubane, ngangiphambana nabo njalo nami ngibheke ngaphakathi, angithi ngizimboze ngisho ubuso kuvela amehlo kuphela, njengoba ngigijima nje ngishiya namabhomu lapho esengedlule khona. Nganombela udonga ngagibela phezu kwendlu yombuso ngathi uma ngiveza ikhanda laliphazima izulu kunezinsizwa eziyaluza lapha phezulu ziqaphe ngezibhamu, umbani wangibeka obala futhi akusekho ukujika, zathi ziyagadla kwasho ukuthi sezigadla kabi zigadla kanye nezulu lashaya izulu kwangathi kuwa izindonga ngaye ngawa nami ngabheka phezulu, ngavuka ngahlala ngezinqa ngashaya ngenhlamvu senginakho ukwethuka, ngasukuma ngazithatha ngejubane ngibheke kuleya ntuba engenela ngaphakathi, ngathi uma ngingena ngavala thaqa ngathi ukuma ngasemnyango ngalalela, kunomsindo womsakazo, ngehla kancane ngezitebhisi, ngathi uma ngithi memfu ngekhona ngihlangane nalendoda igaxe isibhamu ihamba iyadiyazela ishaya ikhwela lungishaye lungeqe uvalo kodwa ngingagadli akusekho nokujika, yafike yangibingelela lendoda ngolimu lwabo yedlula iphuthuma ngaphandle, kwavele kwangicacela ukuthi abezwa lutho laba bantu balitshelwe amambawu nomsakazo, ngaqonda kulomnyango ovuliwe sengikhokhoba ngejubane kwazise uMengameli ungiyalele zonke izintuba zokungena nokuphuma kulesi sakhiwo, ngathi uma ngingena ngabathola kahle bahlezi babeke izibhamu phansi, abanye bayadansa bayacula, ngakususa lokho ngashaya ngavithiza ngemzuzwanyana nje embalwa ayesebheke phezulu amadoda, ngangena ngagudla udonga ngazithela kulengilaze enesiphuzo ezibomvu ngiyithathe ngithi qhabu kancane ngibeka phansi, habe ugologo! ngibuyela ngithi kalakantsha konke ngokushesha ngibeke phansi ngesinono, ngiqonde kulomsakazo odlalayo ngifike ngiwehlise kancane, ngiyezwa kukhala amanzi kwelinye igumbi, nginyonyobe ngiye khona, ngifike ngivule kancane ngilunguze, nangu ubhongoza uyageza akazi nakwazi, ngibonwa ubani! ngashaya! ngamvithiza izingalo nemlenze wakhala wagqagqamuka, ngangingena ngimgxavuna phansi ngimhudula ngomlenze phansi sibheke kulobuyabhuxhakaxhaka, ngangifuna eyokhuluma nomhlaba wonke awazise ukuthi impi imehlule, ngafike ngamphosa phansi ngamyalela ngesilungu ukuba angikhombise ukuthi bathinta kuphi ukuze ngizovela umhlaba wonke, wavele wangitshela inqaba ukuthi yonke lento engiyenzayo izwe liyayibuka, yonke into eyenzeka kuleligumbi isuke iqoshwa bukhoma kubuka umhlaba wonke, wangibonisa omunye umabonakude owabe ungemuva, ngathi uma ngiwubuka ngazibona, ngaphenduka ngawugqolozela, kunesithombe esincane sentatheli esivela ezansi kumabonakude iyakhuluma angiyizwa sengilibele ukuthi imina engehlise (Volume), ngasusa lento esebusweni, ngabuyela kubhongoza ngambamba ngambhekisa kulomabonakude ngathi akakhulume axolise kubantu ngokubahlukumeza abathathele izihlobo zabo, yavele yala yaphetha ukukhuluma lendoda, ngabamba lombhobho ngakhuluma kuwo ngathi "lokhu engizokwenza manje kuwubufakazi bokuthi impi inqotshiwe" ngasho lamazwi ngadonsa umbese wami ngawubeka emqaleni walendoda ngayinquma uqhoqhoqho kubuka lonke izwe, ngangifuna ukujuqula ikhanda ngilehlukanise nomzimba, ngaphazanyiswa ileyandoda engiphambane nayo idiyazela, yaphoseka igijima kusobala yayifuna ukuzoxwayisa abangaphakathi ukuthi sekonakele ngaphandle, yazithela kimi ngibomvu igazi ngalahla phansi isidumbu ngadonsa isimbamu esincane enqulwuni ngathi ngiyashaya kwasho ukuthi useyasithela unkabi ngamuzwa ekhala njengengane, ngadumela isbhamu sami esikhulu ngaqonda emnyango ngejubane, ngathi uma ngiphuma ngathola ukuthi yonke indawo isinkankiwe, ngajika ngejubane ngabuyela ngaphakathi ngangena ngavala ngaphiyaza ubala, ngehlisa isikhwama sami emhlane ngakhipha engabe ngikudinga phakathi, ngaqalisa ngaqhumisa lamabhomu ebengiwatshala ngendlela, ngiyamemeza ngicela usizo kwelakithi sengiyazi nje ukuthi konke engikwenzayo kuyafinyelela kubo noma sengingafa ngiyofa njenge Qhawe kubuka umhlaba.

(Iyaqhubeka)

28/09/2026

IThuna

Ikhasi 7

Sagijima kulemhosha sibaleka, abasinike thuba laba bantu bas'funa sifile, sasithi uma sivela ngapha sizithela kubo, sithi sibuya ngapha sizithele kubo sesilokhu sijikajika ndawonye, ngaphinde ngayibona lenyoni iqhamuka yedlula phezu kwekhanda maqede yandizela phambidlana kunami, ngavele ngayilandela kulokhu, yasihola njalo lenyoni wawungathi itsheliwe ngathi, yaskhipha ngenye intuba esasingayinakile nathi, ngineqiniso lokuthi nabo babengayinakile ngoba basibona sesivembuka buqamama, bathi uma beqambe besisukela ngezimoto zabo sase siyosithela ngentaba, akukho nokubaleka okutheni ngoba laba bantu bagcwele lonke lelizwe, izimoto zabo zinqamula onke amahlathi lawa esibaleka kuwo,

Sazama ukubaleka sathi uma singena kulelihlathi elingale kwentaba babeqhamuka phezulu usubona ngezintuli, saphoseka kulehlathi saguduza phakathi, sahamba ibanganyana lapha ehlathini, nenyoni isinyamalele sengiqalaze kwaze kwabuhlungu amehlo, ngamuzwa engithi ngqi uMengameli ngathi uma ngimbheka ngambona engikhomba enye indlela washo kozwayo sasilandelana njalo siguduza, useyayibona indlela unkamalanga wayesengihola phambili uzazi zonke izintuba zokubaleka njengoba kungaqhelile kakhulu nenkambi yamasosha kanye nezindlu zombuso, Sathubeleza lapho sibaleka saze sayofika komunye umgede owabe unentuba encane yoku ngena, yafike yavula lendoda saphoseka phakathi maqede yavala, wawungenke ubone nhlobo ukuthi kunomgedanyana lapha ngaphansi uma ungazi lutho ngawo, wawungafike uweqe ngaphezulu, sathi uma singena lapha sathola nokuphefumula, kumnyama bhuqe , yangena yaphumputha ubala lendoda maqede yavumbuka nesibani sokukhanyisa, yathi uma ikhanyisa ngazithola ngimamatheka ngitholoza ubala sengathi sengisekhaya, empeleni angisawazi lomuzwa wokuzizwa ngikhululekile, yazi ngake ngawubuka lomgede kuyasho ukuthi kade kwagcina ukungena abantu, yonke into igcwele izintuli kumthuqasi, yathintitha lendoda ngimile ngiyaqalaza, ngiyayizwa iyakhuluma angisanakile, yabe ingichazela ukuthi lendawo iphephe kangakanani futhi iyimfihlo engakanani, kwabe kungumgede ongemkhulu kangako , kunembhede emine yokulala, kunamathini okudla aseze amthuqasi zintuli, ngithi uma ngiqalaza ngibone esinye isibani ngiqonde kuso ngisithathe ngisikhanyise naso, kwakunehontshi elabe livela kancane, ngiqhugeze ngibheke kulo naso lesi sibani esandleni, kunomnyango omncane, ngifike ngiwugudluze uvuleke, ngingene ngime ngasemnyango ngiphakamise isibani sami ngibukisise ngaphakathi, lendawo engingena kuyo yabe igcine lonke uhlobo lwezibhamu nezinhlamvu ongalucabanga, konke kugcwele izintuli sekulalele ulwembu, lungithi heqe uvalo, ngibeke isibani phezu kwetafula leli eligcwele izintuli, ngiqhugeze ngiye kulesi esikhulu isibhamu esigaxwe sodwa, ngathi uma ngisivuthuza ngisiphephetha izintuli savuka sasisha Sha, uyabona ukuthi lezi zinto ezigcinwe la zavalelwa zizintsha sha zashiwa kanje. Ngibuyele kuMengameli ngiyamthola uselungisa ukudla uvula wona lamathini esiwafice khona lapha, umashaya ndawonye usungivakashele waze wakhathala sengiyawezwa namandla ukuthi asenqindekile ngakho njalo ukuthi okuya ngasethunjini akusaziwa, ngavuthuza lombhede owodwa ngahlala phansi, sakopolota lamathini sadla, sesithola nethuba lokuxoxa kahle noMengameli ngiyabona usebuyelwa ithemba eliningi njengoba sesikwaze ukuphunyula kwizidlamililo saze safika lapha.

Wabe esengilandisa ngayo lempi ukuthi ayiqali ukugadla, yake yazama naku Mengameli omdala nokwaphetha ngokuthi ahoxe esihlalweni sabe sesiwela kuye ke loMengameli, lendawo ewumgede esicashe kuyo yabe yakhiwe nguye uMengameli owayesesihlalweni kwabe kulikhosomba lakhe lokucasha uma sezimxakile izimpi, ngesikhathi ebeka phansi izintambo wayitshela lendoda ngalelikhosomba kwasho ukuthi izinto zase zihamba kahle ezweni ngaleso sikhathi akekho owanaka indaba yalomgede njengoba seyize iwukhumbula namuhla lendoda lomgede, nakhona iwukhunjuzwa ukuthi sesibaleke saze safika ngakhona.

Sathola nethuba lokuxilongana amanxeba lawa agcwele umzimba, sathi uma siqeda lapho salala zwi, ngangiqala ukulala ubuthongo obufana nalobuya bangaleliyalanga, ngangilele ubuthongo bokufa, ngaze ngaphupha ngisekhaya, ngiphupha sengathi ngisebhasini ebheke ekhaya ngihamba nje ngijabule sengijahe ukuyobona umndeni wami ngiwazise ukuthi ngisindile empini, ngathi uma ngiqhamuka ngazithela kwizinkumbi zabantu emzini wethu, ngathi uma ngisondela ngawuzwa umculo wamakholwa, ngiyawabona amadoda endawo ahlezi eduze kwethuna eselimbiwe aselinde inkonzo kamfundisi, yathi uma ima lebhasi ngathatha isikhwama sami ngehla, ngangimangele futhi indumalo ngiyibona ibhalwe kubantu ebaleni, ngathi uma ngehla ngabonwa ikhehla lakwa Chiya elabe lingumakhelwane, lethuka kakhulu uma lingibona leza kimi lishesha lathi "Ndodana kuzomele wemukele ukuthi awusekho emhlabeni, njengoba ubabona bengaka bazophelezela umoya wakho ukuba ulale ngokuthula.." kusho lelikhehla sakuhleba liqalaza ngapha nangapha

"ngiyaphila mina Bab' Chiya, ngisindile empini" kusho mina ngokumangala

"zibheke ukuthi unjani umzimba wakho ukhandlekile kuyasho awusaphili kulomhlaba, vumela umoya wakho uphumule ndodana , ngiyazi kubuhlungu njengoba ithambo lakho lilele ezintambeni lapho singazi khona nathi, kepha yemukela ukuthi umzimba wakho awusaphili kulomhlaba.

" okungenani ngicela ukubona umkami ngixoxe naye" kuzikhalela mina kuleliphupho

"Cha cha ndodana, angenke ngikuvumele ukuba uyohlukumeza ingane yabantu ngaphezu kwalobu buhlungu oyizwise bona uyishiya incane kulezinhlungu..." angimlindanga nokuthi aqedele inkulumo ngavele ngadlubulundela ngedlula ku Chiya ngangena ngaphakathi ebaleni, into engixakayo ukuthi bonke abantu abangiboni, ngisathe ngiyafika kulona ngiyamqhweba ngikhuluma naye akangizwa futhi akangibheki ngisho ukungibheka, ngedlulele komunye nakuye kube yiso leso, ngifuna umuntu ozongicelela umkami ngaphakathi ngoba mina sengiyesaba ukungena kulesi s'lilo engisizwayo, ngathi ngisamile ngitholoza ukuthi ubani ongangisiza, kuqhamuke omunye uGogo udondolozela ngobhoko ngiyabona ukuthi yena _ke uyangibona, ngigijime ngibheke kuye ngifike ngizithobe phambi kwakhe ngimbingelele, avele angavumi angibuke phansi angibuke phezulu sengathi uyangifanisa, ngize ngizibuke nami.

"Gogo ngiyacela ungisize, ngifuna ukubona uNkosikazi wami angenke ngikwazi ukuhamba ngingambonile, ngiyazi angisekho kwabaphilayo kepha ukumbona nje okokugcina umkami umoya wami uyolala ngokuthula..." kusho mina ngenhlonipho

Ngasibona sishintsha ebusweni isalukazi ngamangala nje ukuthi ngabe sengitheni lena embi, sathi sisuka sathi " uma ungisanganela ngizosuke ngikusakaze ngalolubhoko lwami khona manj.. ... " sathi siyangishaya ngavika ngaze ngagoqana ngawela ngale kombhede kwaba ukuphaphama kwami, ngavuka ngahlala ngezinqa ngaqalaza yonke indawo, ulele obude ubuthongo uMengameli , sekukhanya isibani esisodwa naso sesiya ngokucima, ngelule isandla ngithinte isibhamu sami, nasi singasekhanda ngidonse umoya kakhulu ngibheke phezulu ngicabange ngaleliphupho.

Sahlala kulendawo kwaze kwaphela isonto, sivuka sidle sihlale sixoxe noMongameli ung'bonisa iMap yalendawo yangakubo, ngangibuye ngihlele kahle izikhali zami, alukho uhlobo lwesikhali olungekho kushoda ibhanoyi nemoto kuphela, isikebhe sabe sikhona noma sasisincanyana kodwa yiso kanye esezimpi,

Ngathi ngolunye usuku ngihlezi ngezwa kuthi xhifi inhliziyo ngasukuma ngadumela isikhwama esikhulu ngahlohla amabhomu, ngadonsa isibhamu sami ngasihlohla kahle, wabuza uMengameli ukuthi ngihlelani, ngamtshela ukuthi senganele ukucasha kulendawo sekuyisikhathi sokuthi ngilwe ngife uma ngifa vele sengiyafana nofileyo edlozini lami ngisho emngcwabeni wami ngangikhona, wake wang'buka uMengameli wamangala nje ukuthi ngikhuluma ngani.

Ngathi uma ngiqeda ukuqoqa ngaqonda kulesi sikebhe esimboziwe ngafike ngasihlubula useyili ngathuntutha izintuli, siluhlobo oluhle ngoba sakhiwe isimanjemanje siyazidumela, sake sathi ukugoloza ukuduma nokho sagcina sidumile kwase kusho khona ukuthi kudala sahlala sasindondozela, ngadumela izipopolo zami nesikhwama sami, ngayalela uMengameli ukuthi anganyakazi kulendawo ngiyabuya, nakuba wayenovalo uMengameli kodwa wavuma ngoba akukho angakwenza naye uyafisa ukuphuma kulendawo, ngaphumela ngaphandle ngahudula iskhebhe otshanini ngehlela ezansi emfuleni, ngathi uma ngifika kulomfula ngasidumisa ngasiphosa phakathi kwakusuka njalo lokho ngenyusa umfula ngihlome ngizingovolo uvalo anginalo neze, vele nokhokho bami basala empini kuyobe kungaqali ngami ngiyobe ngihamba ezinyathelweni zabo.

Ngahamba ngaze ngafika kulentuba abavale kuyo ibude buduze nezindlu zombuso, ngashiya isikebhe sami osebeni lomfula ngehla nemgodla yami ngaphoseka ehlathini ngaliguduza ngaze ngayophumela egqumeni, ngafike ngabeka imgodla yami kuleligquma ngahlala phansi ngadonsa izipopolo zami ngabuka yonke indawo. Ngangibabona ukuthi bavale yonke indawo ubona ngezimoto zabo zehla zenyuka, abanye bahamba phansi, izwe lilokhu lishunqe njalo, nomsindo wezibhamu awuzibeki neze phansi ziqhuma zilandelana.

Njengoba ngihlezi la ngihlela konke engingakwenza ukuze ngikwazi ukufinyelela kuleziyazindlu zombuso ukuze ngizokwazi nokuthola ucingo lokushayela emuva kwelakithi ngicela usizo lwamasosha, akukho okunye okwakungangisiza ngaphandle kokuthi ngilwe ngize ngifinyelele khona, ngakhipha amabhomu ami esikhwameni ngahamba ngiwacupha lapho engibona khona ukuthi imgudu yabo, konke lokhu ngikwenza ngesinono sekati ngoba angifuni basheshe basole ngingakagadli. Ngawacupha onke amabhomu engiwaphethe maqede ngabuyela emuva, ngathi uma ngingena ngambona emamatheka uMengameli esukuma engihlangabeza engixhawula kulowomzuzu ngikhathele ngiyafa, ngamxhawula ngedlula ngayozilahla embhedeni, ngamxoxela ngohambo lwami wethuka woma uma ezwa ukuthi ngikwazile ukuhamba ngize ngifinyelele kude kangaka ngaphandle kokuhlangana nempi, ngambona ukuthi amathemba akhe ayenyuka manje.

Ngakwenza izinsuku zaze zantathu lokhu kuvuka ekuseni ngiyocupha amabhomu ngicuphe nezihibe. Kuthe kolwesine usuku ngaphumula, sathi uma sivuka ngolwesihlanu usuku ngamtshela uMengameli ukuthi akalunge ngoba namuhla siyahamba, sibheke khona ngqo ezindlini zombuso ukuze sizame usizo, ngambona eqhaqhazela uMengameli eng'buka emehlweni usenovalo, ngavula ithini lami ngombese ngadla, ngathi uma ngiqeda ngahlohla isibhamu sami, ngaqoqa konke engizokudinga ngendlela, noMongameli akamile uyatatazela ubutha zonke izibhamu awazi uzozenzani ezingaka, usegqoke zonke izivikela nhlamvu usevela ngamehlo ungafunga ukuthi ukhomanda omdala. Ngaphambi kokuba siphume ngathi akesiguqe sithandaze senxuse oMdala wezinsuku kanye namathongo ethu ukuba asivikele, ngayicela lendoda ukuthi ake iwabize onke amathongo akubo hleze wona azoyizwa kancono ngoba aseduze, saguqa sakhuleka.

Sathi uma sivuka lapho ngadumela imgodla yami sasilandelana noMongameli siyophuma, kusesekuseni inhlamvu yelanga isiqala ukufudumala uzwa nangomsindo wezinyoni zithakasela imvelo azazi nakwazi, ngangize ngifise ukuba yizo lezinyoni nami.

Sahudula isikebhe sehlela khona emfuleni, sampintshana kuso lesi sikebhe kanye nemgodla yethu saphikelela khona empini akekho okhulumisa omunye, ukwethuka kubhalwe emehlweni kuMengameli uququdla imhlathi kuphela ngide ngimuthi klemu kancane ngeSo .

(Iyaqhubeka)

22/09/2026

IThuna

Ikhasi 6

Ayelokhu ephithizela lamadoda akhuluma ulimi lwawo olungezwakali nhlobo, nakuba kukhona okunye okuncane engikucoshayo uma kuthuke kwangena isilungu enkulumeni yabo. Ngangibezwa uma bexoxa besho ukuthi kulindwe ubhongoza wakhona ukuba afike azoxoxa noMongameli ngesinqomo sokugcina ngezwe.

Akuthathanga isikhathi eside saqaqwa kulamaketango, saqhutshwa kwaguduzwa nathi kulomhubhe saze sayophumela komunye umgede, nawo lomgede wabe uphakathi ehlathini, sangena saguduza kuwo saze safika kwelinye ikhosomba. kulelikhosomba kwabe kuxhunywe inxanxathela yemshini yokuthwebula, sahlaliswa phansi no Mengameli sisafaswe ngawo amaketango siqashwe ngeSo lo Khozi.

Kwedlula isikhashana sihlalisiwe lapha silokhu sitholoza ubala, ngezwa ngomsindo wokuqhuma kwezibhamu ngaphandle ngangithi hleze impi yangakithi isifikile kanti ngiyazikhohlisa babejabulela ukufika kukabhongoza wakhona.

Ngaphambi kokuba angene ubhongoza kwaqala kwangena isixuku samadoda ahlome azingovolo azivale ubuso, angena ayaluza ubala ngaphakathi aqalaza yonke indawo, yangena ishaya kancane lendoda igadwe ngapha nangapha imnyama bhuqe ayibhekeki nhlobo ilenga ixhaxha lwezinhlamvu umzimba wonke, isho ngamehlo abomvu klebhu uyabona nje ukuthi umakade ebona lona, yangena yayohlala esihlalweni yaqethuka yabheka phezulu yadonsa ugwayi wayo yabhema, sekuthulekile kuthe cwaka onke amehlo akulendoda, ngathi ngiyambheka uMengameli ngamthola evevezela ebheke phansi umabokoboko.

Yasukuma lendoda emnyama yeza kithi , yafike yama yasigqolozela emehlweni ilokhu ibheme njalo isikhafulela ngentuthu, ngavele ngawabona ngamehlo engqondo amakholwa ecula emathuneni ngosuku lwami lokugcina, kuyoba ncono uma isidumbu sami sitholakele ukuze umkami azidelise okokugcina ngami ukuthi ang'sekho kulomhlaba.

Yasikhomba ngekhanda lendoda ukuba sisukume, sithi gubhu kanyekanye sime ngezinyawo, bakhuluma noMongameli ngolimu lwabo ngangingezwa lutho ngangibona uMengameli elokhu evume konke ngekhanda, ngabona enye iNsizwa iza nebhantshi elimnyama izogqokisa uMengameli, bamesula kahle ubuso maqede bambeka phambi kwama (Camera) kwathiwa angisondele ngizoma eduze kwakhe nami, bamyalela yonke into abafuna ayisho uma sebeqalile bemthwebula.

Ngangilokhu ngibheke phansi kwaze kwaba loBhongoza ungisakaza nempama ngake ngadidizela ngathi ngivusa amehlo washo ngesilungu ukuthi ngibuke ama (camera) , ngavusa ikhanda kancane ngabheka kuyo camera. Ngangingazi ukuthi lento eyenziwa lapha ibukwa emazweni amaningi, wazilungisela uMengameli ukuthi uzokhuluma nezwe lakhe kanye namazwe onke awazise ukuthi impi imehlule, izintambo zombuso uzibeka phansi kusukela namuhla.

Waqalisa_ke uMengameli wakhuluma kulombhobho abekelwe wona, kunomabonakude omncane owabe ubuqamama kudlala izindaba zamazwe kwabe kuvezwa konke ngalempi, ngagcina sengigxile kuwo ngiwubuka, angisamuzwa no Mengameli ukuthi uthini, ngamuzwa kancane uMengameli ekhuluma ngesilungu ethi "izintambo zombuso ngizibe..."akabange esaligwinya ngavele ngamuthi gudlu ngehlombe kulombhobho wadidizela waze wayowa phansi, empeleni ngangingaqondile ukugudluza uMongameli kepha ngethuswa ukubona isithombe sika Mkami sivela kulomabonakude odlalayo wabe evela ezindabeni ekhala engungwe zintatheli, ngagxumela umbhobho ngamemeza ngathi " Mageeeba, Mkami ngiyakuthanda, ung'phathele kahle umtan.. " ngabanjwa ngagxavunwa ngasuswa phambi komshini , ngawuthi gxavu ngaye ngawa nawo kwagqabuka yonke into, indlela engashawa ngayo ngangithi ngiyafa, ngagxotshwa ngamabhuzu, ngakhahlelwa izimbambo ngaze ngabhodla igazi, wakhuza ubhongoza wabo wathi ungifuna ngiphila ufuna ukungifundisa isifundo kubuka wonke umhlaba, wathi asithathwe sibuyiselwe lapho ebesigcinwe khona sekuyohlelwelwa ikusasa ukuze kuqhutshekwe nalenkulumo kaMengameli. Sathathwa lapho sahudulwa phansi sibuyiselwa kuloyamhubhe omnyama, sihamba ngiyabulawa ngenduku sengibomvu klebhu, sabuyiselwa kulamaketango ethu savalelwa sashiwa kanjalo.

Wangisola kakhulu uMengameli uma sesisele sodwa, ayesaphithiza emnyango lamadoda asqaphile, washo khona ukuthi laba bantu bebethembisile ukuthi bazos'khulula uma nje sinikela ngezwe kubuka umhlaba wonke.

Ngamtshela uMengameli ukuthi mina ngenza izifungo mhla ngithatha lomsebenzi ngathi ngiyofela kuwo ngivikele amazwe, ngamazisa ukuthi ukufa vele sekusificile, noma enganikela ngomhlaba kodwa isigcino sethu ukufa. Ngambuza ukuthi usinde kanjani kuleyangozi yebhanoyi, wang'landisa ukuthi uNumber 6 uyena okwaze ukuphuma naye ngaphambi kokuthi indiza iqhume, kwabe kungu Mfana womxhosa lowo ongunumber 6 okuyizinombolo ezibhalwe kumfaniswano wethu esiye sibizane ngazo, uthi mayesho uMengameli baphuma kulendiza emgodlile uNombolo 6 baze bayowela esizibeni, ilapho abafike babanjwa khona phakathi esizibeni, ngimbuze ngomfana womxhosa ukuthi uphi pho yena njengoba yena elapha? ethi wamgcina befika akazi ukuthi bamenzanjani, kodwa wabezwa bekhuluma bethi bayombulala, ngavele ngabheka phansi, uma sekufe nomfana womxhosa kusobala nami ngisendleleni, phela beyingahlehli naleya Nsizwa, ithuba elincane elitholayo yayilisebenzisa ngobuhlakani.

Sahlala lapho zaze zabuya lezinsizwa zagcwala ngaphakathi, zahlala phansi zabhema igudu, zakhipha ukudla zadla asizinake nakusinaka ziyazixoxela ziyahleka uyabona ukuthi zeneme.

Ngakusasa ekuseni kwakumele kuqhutshekwe nomsebenzi wayizolo, asisezwene no Mengameli ngoba ngiyayiphikisa yonke lento yakhe sengiwumuntu omubi, useze washo nokusho ukuthi uzokhipha umyalelo wokuthi angibulawe mina ngaphambi kwenkulumo yakhe ngoba angizwa nginenkani ngizoba isiphazamisi, ngavele ngamfokofisa khona lapho ngamthuka ngamthuka sengidiniwe ngashiya engingalazi, kakade vele ngenke sisabonana noMengameli hleze ngimbuka okokugcina namuhla ngoba nethuna lami sengiyalibona ngamehlo engqondo, nokwesaba ebenginakho sekuphele nya sengizinikele ekufeni, negazi lami seliyangitshela manje ukuthi ngiyawushiya lomhlaba kungekudala.

Ngezwa ngesixokoxoko emnyango maqede kwaqhuma isibhamu, sasho amahlandla aminingana ngabona onke amadoda eguqa ngamadolo phansi efola nezawo izibhamu, kwaphinde kwathi nya, asukuma aphuma elandelana lamadoda ngejubane sasala nababili lapha ngaphakathi ababesiqaphile. Yaphinde yasho futhi inganono ngaphandle ngezwa izigi zigijima, ngezwa umsindo, ngathi ngisamangele kwabe kuvuleka gembeqe isivalo lesi esivalele thina, yabe isho inganono phandle , zangena zilakanyana lezinsizwa ziyadubula zibhekise emuva, akukho nokwenzani kithi ngoba siboshiwe, sesilokhu sipaquza emaketangweni. Ngabona isithunzana siza nokukhanya ngaphandle uyabona ukuthi umuntu lona uyazihudula ubona ngethoshi les'bhamu lishona livumbuka licasha ngezindonga, akadubuli lomuntu ubuya ngokuzolala, njengoba eqhugeza ezihudula uze khona lapho esivalelwe khona sengimince ngaze ngagoqana lapha eketangweni, lezinsizwa ebezisigadile zazizama nazo ukuphendula ngenhlamvu bese kusho khona ukuthi yabe ingaphezulu lendoda eza ngaphandle, yaxhugeza yaze yafika, ngabona ngesithunzana zizongena emnyango, kwakhanya amalambu ngapha nangapha ekhanyiswa ilendoda ayimile iyadubula , Mameshana ngoba ngithi umfana womxhosa njena lona osenje! kubabaza mina ngenhliziyo ngimbona engena egudla udonga uyadubula, ziyangena nakuye kwesingezansi usesindela umakalabha ekhanda kanye nesivikela nhlamvu (Bulletproof) lesi asigqoke kwesingenhla, usemanaphanapha igazi, yalwa lensizwa iyodwa noma isilimele kodwa yaphokophela yavithiza kwasani, namanje angazanga ukuthi yabe izwe ngobani ukuthi sivalelwe kuleligumbi, yalwa yagcina ifinyelelile kimi noma yabe isizihudula, yakwazi ukungiqaqa, ngathi uma ngiqaqeka lapho ngahlwitha isibhamu eyabe isiphethe ngoba ngase ngiyibona ukuthi iphelelwa ngamandla, ngathi ngiyayibamba ngezwa amathambo omzimba efahlazela onke uyakhala kakhulu "haaaaweee ...haa.mba mfa..na womzulu vele mina ngiyafana nofile" kusho UMfana woMxhosa ngezwi elihoshozelayo.

"Cha.. cha angikwazi ukukushiya lapha ndoda sizoluzama ngendlela usizo asambe" kusho mina ngizama ukumqukula futhi ngibuye ngiphebeze emnyango ngenhlamvu angisafune muntu ozovela, nangu noMengameli uyakhala naye ucela usizo kimi, ang'senendaba naye vele ngiyafana nofile kuye, ngamuthi gxavu umfana womxhosa ngambeka ehlombe ngajomba izidumbu ngibheke emnyango, ngamuzwa ukuthi uyaphela emahlombo ngezwa ngekhanda ligexa nomzimba udedeleka, ngambeka phansi ngaphuthuma emnyango, ngathi sengiyophuma ngalizwa iphimbo lika Mengameli limemeza ngemuva, wabuya unembeza wokuthi lomuntu uthembele kimi empeleni, nami ngizele ukuzosiza yena lapha, ngagxumela emnyango wensimbi ngawuphusha wavaleka, ngijike ngejubane ngiphuthume kuye uMengameli ngifike ngimuthi gxavu ngemlenze ngimphakamise ngimqaqe, ngimuthi hwi ngibheke naye emnyango nakhona angazi ngizophuma kanjani ngoba sekunkankiwe, ngazitshela ngenhliziyo ukuthi nami angife njenge Qhawe nangu uMfana wo Mxhosa ufele khona empini waguqisa okwendoda, usengikonofele uMengameli, angisadubuli nhlobo sengilwa nendlela yokuphuma ngimi ngasemnyango ngibande ngaso isicabha sensimbi ngibapopola ngembobo encane uvalo luyangibulala sengimanzi te ngangiphike ngento eyodwa ukuthi akekho ozongena la ngaphakathi , angisezwa nokuthi kambe ngike ngalimala emlenzeni vele sengiyafana nofile kongisiza ngani ukunaka izinhlungu.

Ngiyababona ngaphandle bayayaluza bayakhomba ngapha nangapha, ngabona besondeza isibhamu esikhulu lesi esishaya kudilike izindonga, ngabamba uMengameli ngambeka ngemuva kwami ngiyamuzwa uyaqhaqhazela uyathandaza akaboni ukuthi kwenzakalani emnyango,

Basihlohla isibhamu sabo sengilinde ukuthi badubule, kuzoba yilo ithuba lami lokuphuma uma ngisindile kulelibhumu labo, nebala yasiqhoqhobala iNsizwa isibhamu maqede yadubula, yasho kabili sandiza isicabha saye sayolahleka nathi phansi, ngavuka ngazithatha ngaphumputha uMengameli ngamthola ecashe ngezidumbu ngamuthi yabu sekumnyama izintuli kanye nentuthu, ilokhu ishilo insimbi ziyawa izindonga, ngaqonda kuleyambobo esivulekile ngaphuma njengenyoka, ukudubula engakudubula lapho namanje ngisazibuza ukuthi isibindi esingaka ngasithola kuphi? impela ukufa kuyisitha esingena mngani. Ngathi uma ngiphuma ngangabanikeza ithuba lokudubula, ngaqala ngayo lendoda eqhoqhobele umbayimbayi ngashaya, ngawushaya kabili umbayimbayi wasuka ilangabi laya phezulu sathola intuba yokuphuma, ngamphusha phambili uMengameli ngangidubula ngihlehlela ehlathini ngizama ngakho konke ukuvikela uMengameli ukuthi engabe esathinteka ngase ngiphenduke imamba uqobo lwayo ngishaya ikhanda kuphela, ngenhlanhla enkulu sakwazi ukubaleka saphoseka kulelihlathi eliseduze, ngayalela uMengameli ukuba aqhubeke nokubaleka ngoba kubukeka sengathi abekho ngaphambili, ngasala ngemuva mina ngabhaca ngesihlahla ngabaphebeza ngayo inhlamvu babelokhu bethuthelekile, sengala ukhasha nami lapha ehlathini angisafune muntu uzosondela kulo, bayaphendula nabo ngenhlamvu kuphundleka amahlamvu. Ngayibona impi ukuthi isingaphezu kwamandla ngasukuma ngazihudula ngejubane ngilandela lapho kushone ngakhona uMengameli. Engakuqaphela ngesikhathi ngiguqe eduze kwesihlahla, ngaqaphela ukuthi kunalenyoni efike yahlala enhla kwami yakhala kakhulu wawungathi ikhuza umhlola angiyinakanga nhlobo, nange sikhathi sengisuka ngibaleka yangilandela lenyoni, ngathi noma ngiqhubeke nokubaleka ngangilokhu ngiyifica isingilinde ngaphambili kodwa ngingayinaki, kwahamba isikhathi yangidukela, uMengameli ngahlangana naye ngendlela esebuya ngejubane kwavele kwangicacela ukuthi lukhulu oluphambili, yaphinde yaqhamuka lenyoni kwangathi iyalwa yasho ukungihwitha ngayiphebeza yavika ngayibona ihamba ize uyosithela. Njengoba ngihlangana noMengameli nje naye uyangivimba uthi bekuncono emuva, laba bantu sebeyinkanke yonke lendawo esiya ngakuyo, ngavele ngamtshela ukuthi asisabuyeli emuva siya phambili manje, ngathi akahlale kimi ezithendenu ngoba impi yabe isemvakwethu, ngangimbona ukuthi wethuke uyagedezela usebone lukhulu. Nebala sagijima saze safika lapho kuvalwe khona, kwabe kunendawo eyizindonga ezimbi ezinodaka olushelelayo kuchitha amanzi, lezinsizwa zabe ziklele ngaphesheya sathi uma sithi memfu sazithela kuba babevele besilindele, yayisho njalo inkokhokho mtanami, sihlehle sibuyele phakathi ehlathini, ngiyabezwa laba abasilandelayo bayezwa uzwa ngomsindo wehlathi ukuthi bayagijima, ngabona kuncono ukufa ngibaleka njenge Mpangele, ngamuthi gxavu uMengameli ngamphosa kulamangelengele ngamuzwa ekhala kakhulu eshelela ebheke ezansi ngamlandela ngemuva, ngangishununuza ngezinqa odakeni wena owabona abafana abancane bedlala odakeni ekwaluseni, angimile ngiyadubula esandleni, banele basibona sishununuza sehla ngababona behlakazeka ngasho ngenkokhokho angisafuni ukubanikeza ithuba sengibonile ukuthi bayangesaba, sashelela saze sayobhajwa phansi odakeni, uMengameli wafika kuqala wathi bhuxe ngekhanda odakeni ngabona ngemlenze isipaquza phezulu, ngafike ngazithela kuye nami saye sayowa sobabili wathola ithuba lokuphefumula, Savuka sazibuka saguduza kuwo lamangelengele sengala ukhasha angisafune lutho oluvelayo phezulu ngishaya ngisho isithunzi ngenhlamvu.

Yaphinde yaqhumuka lenyoni ngayobona indiza phezu kwethu, akaze ngayinaka futhi.

(Iyaqhubeka)

Want your business to be the top-listed Beauty Salon in Durban?
Click here to claim your Sponsored Listing.

Category

Telephone

Website

Address

Durban

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Ingqwele Yosiba MLU GAZU posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Subscribe

We will notify you when anything happens in Durban.