Ubizo neziwombe zalo

Ubizo neziwombe zalo

Share

I'm patient in everything I'm doing but I don't want to be used, loving, caring, kind, warm welcoming

28/05/2026

Emakhosini ngyabingelela kubantwana bethonga selishonil ilanga, nginento engfisa sbonisane kuyo,, sinezinto esithi Uma sizilungisa kube sengathi sibhebhezela umlilo kuvele kube nzima kakhulu kunakuqala, ngibhekise kakhulu kubantwana bethonga abasephehlweni nalaba abasalungiselela ukuya khona, bathi noma sebengenile ephehlweni kodwa Kuba mnyama kakhulu, lalela mntanedlozi, ake ubheke ukuthi ingabe uye la okhonjiswe khona yini, uye ngeskhathi esifanele yini, ingabe bahlanjululiwe yini abantabadala b4ungene phehlweni, unjan umsamo wasekhaya, ingabe yizona yini izimpande ezifunwa abogogo nabomkhulu abekwembethe na?, uyalandela yini imthetho obekelwe yona kuleloziko okulo, nani enisacabanga ukungena kodwa ngenxa yezimo ezithile akuqaleki, uyaphahla uhambe imfula impophomo, ukhuleke na?, ake sikhulisane siyixoxe lendaba sisizane Uma kukhona la okungalungi khona sbone kudlulwa kanjani kulezizimo ezinjengalezi, makhosi

21/04/2026

Emakhosini kuwowonk amagumbi amane omhlaba, ngokuhlukana kwezigaba zenu ngithi angbingelele kubantwana bethonga, sinezinto esazalwa zikhona esingeke sizijike, sakhula futhi sazibona zenzeka ezinye zazo zenzeka kithina kodwa syaphila, Uma wembhethwe abantabadala kusukela esalihluli kumawakho, usuke uwokhethekile "special" emndenini wakini nowakhabo mama wakho, usuke uphiwe if elingunaphakade ongasoze waliphucwa muntu, indaba ke isuka la usubonwa yizwe usuphila phakathi kwabantu, sekuvuka abasemzini yabantu befuna usizo, bazocela izeluleko zakho ukuba ubakhiphe ezinkingeni abakuzona, lapho wena usuke ungakaziqondi kwenzakalani kodwa uyakhona ukubanika izeluleko futhi zibasebenzele baphumelele abanye baze babonge, kanti kusuke sekuqale msebenzi wabantu bakho abakwembethe, ngenxa yolwazi ongenalo uyaqhubeka uziphilele impilo yakho oyijwayele, Aya ngokukhula amandla ophiwe wona, bayanda nabafuna usizo neziluleko kwena nawe ngokunganaki uyabasiza, lento ukhula nayo, kyothi Uma sebefuna ukuziveza bayobe sebenamandla axakile sebeqhamuka nezigulo eziningi, ingani yiloyo naloyo usefuna ukuhlanjululwa, sebefika nezikhwama zabo ezidinga ukuhlanjululwa ababezisebenzisa, zyaqala ke izinkinga kuvuka izitha ongazi wawuzenzeni kanti yileskhwama, Uma ube nenhlanhla yokuthola ozoyisusa phansi indaba yakho ayilandele, uyakhona ukuthola usizo, uphakamise ubizo lwakho ulalelisise otshelwa kona ukwenze ngendlela abafuna ngayo, kodwa konke osuke udlula kuko kusuke kungaqali usumdala kusuke kwaqala usakhekha esiswini samawakho, ngikhuluma ngomuntu okhethwe abantabadala, akukhanye kwabasatibula, makhosi πŸ™ syoqhuba kahle Uma kunemibuzo

09/04/2026

konke okwenzeka ngomusa wakhe kuhle, Amen πŸ™πŸ™πŸ™

09/04/2026

Ekseni emagumbini amane omhlaba ngithi makhosi πŸ™ŒπŸ™ubsika bungenile baningi abadidekile ukuthi kwenzakalani empilweni yabo, amaphupho ayabahlasela, izigulo zyabahlasela kodwa abalapheki, sebeze balahle nethemba, abanye sebebonisiwe kmele bayolashwa imimoya ekubo kodwa nakhona akuhlangani, ngithanda ukusho lokhu, ngeke kulunge lutho Uma ungakahlanjululwa imimoya ekuwe, thatha istep kubonakale uzimisele ukulwa lempi uyiqobe amandla ongenawo ukuze nabakphethe bezokbona uzimisele ngesipho sabo abakuphe sona, zisukumele coz akekho uyokusukumele, phahla uzile kucace ngempilo nangobizo, πŸ™Œangime lapho

Want your business to be the top-listed Beauty Salon in Cato Ridge?
Click here to claim your Sponsored Listing.

Category

Telephone

Website

Address


Ngunezi
Cato Ridge