Mafutha Enkanyamba

Mafutha Enkanyamba

Share

Lapha ngicobelelana ngilwazi ngezikwelaoha nezinto eziphathelene nesintu/idlozi/ithongo/ubungoma/imithi yesintu yokwelapha kanye nemimoya

23/11/2025

Into engikhipha kulento yoku post amasela eba izithombe la abese ayozi Posta Kuma page awo ukukhathazeka kwami kuba sekuthenini lomuntu what if I qola elidlala ngabantu mina sengimnike isithombe sokuqola abantu sengyake ngiye ehlathini ngizibukele nje imithi angisayishuthi sdalo ngoba angifuni ukulekelela ekuqolweni kwabantu

07/10/2025

Untongana zibovana

Lenduku enye yezinduku ezinza izinto ezining iyodwa iyalwa neslwani iyasisusa isnyama iyakwazi ukuqaqa izibopho iyagquma iyaphalaza iyageza iyazisusa izichitho. kodwake la ekugezeni iyadinga ukuthi ube nesbindanyana muzogeza ngayo ngoba yoooo ayilumi kyafiwa ingakho abanye beze bayibilise bebezogeza ngayo bebaleka kona ukuluma lokhu

Lenduku iphinde isebenze nasezimbizeni kakhulukazi emntwini Oshawe i stroke kodwake iyathakwake la ayihambi yondwa
>0717498469

02/10/2025

Ukulapha kwangifundisa ukuhlonipha isimo somuntu noma ngabe sinjani nokuzehlisa nokuzithoba. Angikwazi ukubukela omunye umuntu phansi noma abanye sebembukela phansi ngyake ngizibuze ukuthi ngabe yini lefihlakele ebeke lomuntu kule simo ngoba abantu baneyinkinga n amanye abazi ukuthi baneynkinga n banye bayazi but usizo abasalifuni ngoba sebezame kwaphela wona amandla okuzama usizo

Kubi ukubukela omunye umuntu phansi ungayazi inkinga akabhekene nayo noma into embeka kulesimo esenza wena umbone edelelekile

29/09/2025

Ukuzalwa wembethe

Enye yezinto lena engikholelwa ukuthi Uma uyilungisa kumele kube yiyo ekuvezela isphiwo sakh. Ngokujwayelekile Uma uzelwe wembethe kuvamile ukuthi abantu lokho bakuhlanganise nobungoma noma nemimiya. Okungaba iphutha futhi kungaba I qiniso kodwa lento iyayifune ukungatatazelelwa. Baningi bathwase ngoba bazalwa bembethe kodwa lokho namhlanje akubalekeleli kepha sekuyisibopho ezimpilweni zabo.

Uma kumbulwa ingubo ozalwe uyembethe kumele kube iyona Kanye nomnikazi wayo owakumbathisa yona abakukhomba indlela. Inhlanhla yomuntu ozalwe embethe akumelanga iphazanyiswe ngemicabango yabantu abathi bayahlola bebe becabanga. Isipho senhlanhla eyismangaliso lesi Uma iqondaniswe kahle umuntu wayembula wase ulinda umnikazi wayo ukuba axhumane nawe bese ekukhomba indlela okumele uyihambe empilweni awuvinjwa lutho ukuba uphumelele.

Uma kungekho kodwa ukuxhumana phakathi kwakho wena ophila kwelenyama nalo ophila kwelika Moya ongumnikazi wengubo. Lengubo kuwena Iba isinyama noma ngithi Iba isibopho kuwena. Kubalulekile ukuyimbula wakhe ukuxhumana okunamandla phakathi kwakho nomnizi wayo. Lapho kuyoba lula nokuqonda nesphiwo onaso bese ulandela kahle impumelelo iyobe isizizelake kuwena ngoba vele usuke unjengo mazibuthe wenhlanhla nokuhle.

Uma kufanele ube isangoma noma umthandazi kumele kusho umnikazi wayo kuwena. Uma kufanele ube usaziwayo nalapho kumele kuvele kumnikazi wayo. Uma ngabe kumele ube ngusomabhizinisi ozimele akuvele kumnikazi wayo ngokuxhumana kwenu okunamandla. Kwabanye kuyenzeka kube uphiwe ubuhlakani obuse zingeni eliphezulu agcine engakuqondanga lokhu noma engakwazanga ukukusebenzisa kuze kumthuthukise ekuphileni ngoba alukho uxhumano nomnikazi wengubo

Build a solid connection with your spiritual guardian if that is done properly nothing should stand in your way.

28/09/2025

Iyahluphake le yokumbathisa izigulo zabantu ngemimoya njalo. Kunoku gula kwemimoya kunokugula komzimba ngoba kuno kufa okusemzimbeni le yokumbathisa ukugula ngamadlozi nezithunywa iyakhathaza

Umuntu wane slonda enza igobongo
Uphethwe ikhanda enza igobongo
Uphathwa iqolo/isinqa enza igobong
Uhlushwa isbeletho enza igobongo
Wanesbhobo enza igobongo
Ulunywa isisu enza igobo
Unesifo sokuwa enza igobongo
Unesfuba enza igobongo

Kona kwesinye iskhathi kuyadlalwa ngabantu nayeke seyokwenza amagobongo ebantwini baze babe u 5 akasaboni ukuthi ayisekho lento. Sothinike ngoba kuvuma nina kodwa the day safunda ukuthi izinto esizidlayo nezindawo esisebenzela kuzo or imisebenzi esiyenzayo yokuziphilisa nayo inomthelela omkulu ezigulweni ezisiphathayo amaphilisi esiwasebenzisayo nawo anemithelela ekuguleni kwemizimba yethu kakhulukazi lawa awo Chronic

So kubalulekile ukuzijwayeza uku detox noku clean umzimba ngezimbiza mostly lezi zo zifo zonke ngele kwalokho sizothwasa sonke sikhushulelwa imimoya ngamagobongo kungenasdingo

Photos from Mafutha Enkanyamba's post 15/09/2025

Lenduku siyibiza Uma yakayaka ngingazike abanye bayibizani

Lenduku yinhle kakhulu ezindukwini zokugquma mawuwumuntu ogqumela inhlanhla ingena ezindukwini ezimhlophe abanyeke bayayifaka nasenkambeni mabenza amagobongo
Abanye babekhanda izlawu bayayifaka lenduku

Kodwa yona yinhle ezindukwini ezimhlophe

08/09/2025

Au yeyeni πŸ˜³πŸ˜‚πŸ˜‚

Photos from Mafutha Enkanyamba's post 04/09/2025

Uma unezilonda ngalezizi zinduku ngyagaranta syaphela ukushise kube insizi ukuhlanganise no Vaseline noma namafutha enhlwathi bese ukugcoba eslondeni sophola leso slonda ngaphandleke Uma isilonda sakho sidinga ukulashwa ngaphakathi sekodingeka ulekelele nange mbiza kuze singapholi ngaphandle yet ngaphakathi sibe sis ekhona

Kulezi zinduku sungafaka ezimbalwa nje ukuyibopha izinduku ezifana ne
Sbabuli
Unsukumbili
Igobolondo lofudu
Idangabane

Mawuyithake kahle lenduku yeslonda siyophola leso slonda sakho

0717498469

02/09/2025

Ngake ngathi ngifunda kwenye indoda indala yangapha ko eastern cape ngifunda engangingakwazi yathi kimi "mfana kithi ngoba uyavuma uthi awazi uzelapha ngoba uthi awazi ufuna ulwazi uzofundake uzohamba wazi kodwa mawazi uyohamba ungazi ngoba kuyasiza ukuthi awazi ngoba usuke uzofunda kodwa Uma uthi ayazi ungcina ungazanga ngoba akekho umuntu ongafundisa umuntu owaziyo"

Namanje ngafunda ngabuya nalo ulwazi namanje lusasiza abantu Lolo lwazi lapha ngafike ngafindiswa ukugezela umuntu exhaphozeni ukubala nje okukodwa kwengakufunda n ngyabheja masikugezelile exhaphozini noma sakucuphela kulona khona lento esike izokwenzeka aslong lisakhona

Lapha ngafunda ukugeza umuntu ngendwangu endala lomkhuba ubamuhle kakhulu masigeza umuntu onezitha noma osentweni enokukhulumisa kakhulu but engafuni ukulandelwa mephawulile ezinteni kodwa izilakhe lizwakale kanti nasemacaleni iyalekelela

Kodwake ngochaza ngelinye ilanga ngalemkkhuba yomibili
πŸ‘πŸΏπŸ‘πŸΏπŸ‘πŸΏ

02/09/2025

Uma uwumuntu ohlushwa zibhobo awuthole lo umbe izimpande zakhe uziqobe uzifake ku 2litter namanzi bese umpheke ngelanga kodwa makuphuthuma seningamubilisake kodwa ngithanda umpheke nge langa bese uphuza izipuni ezintathu kathathu ngosuku mawunayo indlela umthake ne nhlungunyembe kodwa eyedwa uyasixosha isbhobo

0717498469
Port shepston ezingolweni kwashoba

Photos from Mafutha Enkanyamba's post 02/09/2025

Nangu umthakathi wezindaba bathi insulation yetshe

Yabonake la sikhanda embi kabi kabi intando kanti nesibambelelo siskhanda ngaye lo Uma ngenza into yokuthi umuntu abheke wena wedwa ayisali lenduku

Want your business to be the top-listed Beauty Salon in Durban?
Click here to claim your Sponsored Listing.

Category

Telephone

Website

Address


Durban