Idlozi

Idlozi

Share

Nkanyamba yedlozi lamanzi ethandazayo yembhulelwe idlozi

Photos from Idlozi's post 27/04/2022

Ngicela kunixwayisa ngalemali esheshayo thiwa ngena bank account yakho noma endlini.
Ayikho lento ngaphandle uma uthwele.
Ingozi ngokuthwal ukuthi lokhu suke ukudinga uyakuthola kodwa imithetho yezidingo zesithwalo siyajika.
Singaqale sifune igazi leslwane kodwa ngeke kugcine lapho.

27/04/2022

Uma usathandaza uNkulunkulu ulinda lokhu wawudalelwe kona,nase dlozini uyaphahla ungavalelwa inhlanhla zakho.

23/04/2022

Nami ngathi zomdinga lo 🩺 sgodlweni.

19/04/2022

Athi muntu sindisiwe kanti xakwe price yemfuyo.

18/04/2022

Asibheke indaba yedlozi eseyindida manje.

Ngabe idlozi livela kanjani noma yini msebenzini walo.
Ukuba nedlozi usuke uwumuntu onesphiwo noma ovuse umsebenzi wokhokho ababewenza.
Into eyenzeka ngedlozi ukuthi ngaleskhathi okhokho benza lomsebenzi babeyibantu abangaqondakala kuthi badalwe kanjani.
Indlela babegqoka ngayo yayihluka futhi bezenzela zinto zokugqoka.

Manje abantu bathi mina nginedlozi gogo wami wayeyiSangoma,yebo wayeyiSangoma kodwa wena awuzofana nogogo wakho kuphela usesibalweni emdenini kubantu abayiZangoma.

Iningi uma lamukela lomsebenzi alinikwa lokhu okukodwa ngoba babehlukene ngeziphiwo zabo abantu abadala.

Kunedlozi lamanzi
Dlozi lasolwandle
Dlozi lentaba
Wonke lamadlozi ahlangana ndawonye kepha imimoya yawo ibukhuni iyancengwa.

18/04/2022

Asichaze kabanzi lendaba

Asikhulume ngomsamu
Umsamu ilendawo lapho kushiswa khona mpepho kukhulunywe nabantu abadala abangasekho.
Iyona ndawo ekwazi kuthi uxhumane nabo wena ophilayo nalaba abangasekho.

17/04/2022

Kukhona izinto esiboniswa zona ngabantu sibatshene kodwa bangasinaki ngenxa yempakamo kanti zingozi.

01/04/2022

Msebenzi wedlozi uyazisebenza,ai ndaba yokwenza zinto ngoba uthi funa kugcwale.
Nase sontweni siyashumayela kuzwakala ai ngoba sidinga udumo.

01/04/2022

Imvelaphi yamakhosi amakhulu,emanzini ilakho kunedlozi.
Umsamu ilona nabantu abadala.
Intaba ilapho kudabuka khona amabutho.

Thokoza dlozi

06/03/2022

Makhosi makhulu

16/02/2022

Noma ngabe impilo inzima kangakanani kodwa uze ungacabangi kuyothwala,uyolahla dlozi lakho ngunaphakade.

13/02/2022

White umele kukhanyisa ubumnyama
Yellow umele abantu abadala
Blue umele izithunywa

Lezibani zibaluleke kakhulu kwisebenzisa ngathi ngaqala entabeni kwima wasebenzisela ekhaya.

Want your business to be the top-listed Beauty Salon in Durban?
Click here to claim your Sponsored Listing.

Category

Telephone

Address


Mkomaas
Durban