Zintaba International News-ZIN
sikuhlinzekela ngezindaba ezinoju
Laba ngabantu ababizwa ngokuthi ama Wodaabe batholakala egxenyeni yezwe lase ๐ณ๐ช Cameroon ๐จ๐ฒ Nigeria ๐ณ๐ฌ kanye nase Chad ๐น๐ฉ bangabantu abaphila isintu basabambelele ekwenzeni izinto ngendlela yesintu.
Lokhu enikubona bekwenza lapha kusuke kungumcimbi lapho khona lezinsizwa zenza lomkhuba wokukhalisa kwezinyoni ukuze kuzoba khona intombi echazekayo bese iyakhetha ukuthi ithatha yiphi insizwa njengoba nizibona zenza kanjena nje,wena ungaze uzitshele ukuthi izintombi ubona ngendlela abazibhixe ngayo ibomvu ebusweni cha zinsizwa lezi.
22/09/2026
Kugasele amaphoyisa emzini kaMnu Senzo Mchunu abe esemthathela umakhalekhukhwini wakhe ukuze uyophenywa,futhi noma ngabe kukhona akaku delete kuyafana bazokubuyisa njengoba kunjalo naye futhi uyakwazi lokho.
Asazi noma sizothi kuyalibhedela ichunu noma sithi alikho iqili elizikhotha emhlane yini ngoba khona impela kuzophenquka ibheshu kuvele wonke amachilo masekunje.
22/09/2026
Laphake sishaya umbhulo onzima kabi umbhulo wethu awushayi eceleni sikhipha size sikhiphe ngisho okungaphansi kwetshe njengamanje namhlanje kukhona abazolala bengalele ngenxa yombhulo wethu okhipha igama lomuntu ngqo!!
Asidlali kanjalo siyiNkinga KaMancinza izinqa siziveza obala asigcini ngokuveza umnsinsila kuphela,siphenqula ibheshu kuvele wonke amachilo.
22/09/2026
Andries Nkosikhona Ndabandaba ngyabingelela Khathide kunobaba okhalayo othi ucela ngimunxusele wena uzomsiza usekhathele,udaba ngathi kunomuntu ongafuni ukuhamba emzini wakhe okade kwasa emcela ethi akahambe ngoba akasamdingi ngicela ungene ku inbox wami ngizokuninga onke ama details.
22/09/2026
Mina bengibona ukuthi ncono zilime ziye entsheni ngoba abantu bangaphandle bayabeletha hhayi kancane futhi lezi zingane abazibelethayo ngeke zihambe ziyokhulela lana sithanda singathandi uma nibheka ziyovuma yini ukuhamba zibe zazi umhlaba wase South Africa ๐ฟ๐ฆ ezizalelwe kuwo zakhulela kuwona,abantu bangaphandle ngendlela abakukhuthalele ngakhona ukuhlala kulelizwe abathi ngoba nakhu banezingane bese bethi ngeke beye ukuyosebenza kepha bahamba nazo ziyobakhalela umsebenzini.
Ngakhoke mina wema South Africans ๐ฟ๐ฆ batholeni ngempela nani abantwana ngoba uma nilalela lohulumeni wenu othi phuzani utshwala bese niya prevent uzonidlisa ngezwe lenu lezingane ezizalwa abantu bangaphandle zizokhula zilithathe lelizwe ngoba ezinhlizweni zazo ziyobe zilithanda ngoba yilo ezilaziyo ngoba liyobe liwumhlala ezikhulele kuwo.
Nalento yokukhala kwabantu besifazane bakulelizwe ngobaba bezingane abathi ababondli abantwana babo yingoba vele nabo bazithela ngabandayo bafuna ukukhangeza emalini yeqolo nakubaba bezingane zabo,cha phaphamani webafazi nani nisukume nisebenzele izingane zenu,akukwazi ukuthi ungathi uphuza ngoba une stress sokuthi awusebenzi,ubuphuza kanjani utshwala ungasebenzi? Uyithathephi imali? Uphiwe yindoda? Manje awuyisebenzisi ngane ekunakekeleni izingane leyomali?
Angizami ukugqugquzela ucansi olungaphephile kodwa ngizama ukukhipha lomqondo othi mina angifune mntwana ngoba ngisafuna uku groover lapho iskhathi siyahamba abantu bangaphandle bayazala bona ngapha,lezingane zabo ngeke zihambe nginitshele isigcino nakuma border gates kuyogcina kuphethe zona ngoba niya prevent nina.
22/09/2026
Laphake sesilinde usuku lokumenyezelwa ngokusemthethweni kuka Mnu Firoz Cachalia njengo Ngqongqoshe wamaphoyisa kuzwelonke ngoba uMnu Senzo Mchunu angimboni ebuya,naye uFiroz ufuna ukuzakhela elakhe igama naye eliyosala nomlando omuhle ekuphatheni kwakhe emaphoyiseni yize naye sekukhalwa ngo 600 million owakhishwa mhla kuthiwa uzokhokhela ukwandiswa kwezokuphepha mhlaka 30 June ngenkathi kunokhukhulela ngoqo wombhikisho owawuxosha abantu bokufika kuleli.
Kodwake kubukeka amaphoyisa engasathathi isikhathi eside ukuthola umenzi wokubi uma kukhona okonakele,singazike noma nakho kwenziwa ukugonyuluka kuka Mnu Nhlanhla Mkhwanazi yini ngenkohlakalo eyayenziwa ngamaphoyisa kanye nosopolitiki kulelizwe kunyathelwa amanye amacala ngoba kukhishelwana amantshontsho.
Into engiyibonayo u Cachalia ngeke esavuma naye ukuphunyukwa yilesi sihlalo uzofuna ukushiya igama lakhe lilihle naye uSenzo usazoke ame impela futhi ame inguna phakade.
22/09/2026
Uma kukuthi uyiqiniso lenkulumo ebhalwe ngu Mlungisi Inkinga KaMancinza lokho kusho ukuthi iyobe ikhombene ngempela phakathi kukaNgizwe Mchunu no Julias Malema kungenzeka uNgizwe uyaziphindiselela kulento eyenziwa uMalema emfaka enkantolo ize iphoqa uNgizwe ukuthi exolise,yebo siyazi ukuthi uNgizwe yamnyanyisa leyanto kodwa akekho obenakile ukuthi kanti yamdina ngalendlela.
Ilwa ngomqondoke manje uma uNgizwe ezomngena ngalendlela uMalema ngoba vele bobabili umthetho sisekelo wenze uyabavumela ukuthi bengenza imicimbi noma kuphi e South Africa ๐ฟ๐ฆ akekho ozothi wena ngeke uwenze ngoba ngalolusuku nami kukhona engiwenzayo cha kuba zinkani zababili nje kwenzeke ngaphandle kwenkinga noma ngabe oyedwa wabo uyabona ukuthi khona lapho akaphazanyiswa khona kodwa akanalo ilungelo lokuvimba.
Lento noma lomqondo owenziwa uNgizwe usuyoba yifa lezizukulwane kwaZulu eseziyokwazi ukugadla ngalo kumuntu okhombisa ukungasihloniphi futhi akekho oyokwazi ukuvimba lokho ngoba umthetho sisekelo wezwe uyavuma ukuthi unga host umcimbi noma kuphi ezweni
Uma uMalema efuna izinto zakhe zenzeke kahle kwaZulu kuyomele ekhumelane umlotha noNgizwe ngoba abantu bakwaZulu banomuzwa wokuthi uZulu akalahlani yingakho nakulempelasonto esiphuma kuyo nibone bemeseka kangaka uNgizwe nanokuthi KZN I home group yakhe nalokho kumsebenzele
22/09/2026
Ithi iMelika ngeke ize iphinde yenze iphutha eyalenza ngezwe lase China ๐จ๐ณ iphinde ilenze ngezwe lase India ๐ฎ๐ณ lokuthi iyidedele ikhule ngomnotho kangangokuba lingaze liqhudelane nayo njengoba kwenzeka phakathi kwayo ne China ๐จ๐ณ njengamanje.
IMelika yanswinya izwe lase China ๐จ๐ณ ngezinto eziningi kwezomnotho kwabheda ngempela futhi e China hhayi kancane,inhloso kusuke kuwuhluphekisa abantu bezwe lakho bese bekhala ngoMongameli ophethe ngalesosikhathi bethi akehle uma egoloza bese kuba yilaphoke iMelika engenelela khona ithi ndoda phuma awuzwa yini ukuthi abantu abasakufuni,bese kungena lona ozohambisana nezimfuno zayo.
Abantu base China abakwenzanga lokho balalela imiyalelo yeziphathimandla zakhona owawuthi asisukume sizenzele okwethu noma kungabanzima kangakanani kodwa asizame,nangempela kwenzeka bazikhulisela umnotho wabo,khona benswinyiwe kunjalo njengamanje I China incintisana ne dollar laseMelika ngokwamandla emali yize iza ngemumva.
yingakho ne Iran ๐ฎ๐ท ithi wonke uWoyela ozodlula e Strait of Hormuz kumele uhwebe ngemali yase China ๐จ๐ณ ingoba bafuna ukuwisa dollar ๐ต lokhoke ngeke ikuvumele iMelika,manje bathi ngeke bephinde bevumele India ๐ฎ๐ณ ukuthi ikhule ngaleyondlela yize ubudlelwano babo bubuhle kodwa kumele bebugcine buvikela amandla aseMelika.
Ikhona yini into enjena kwezokuxhumana?๐๐๐๐๐๐๐๐๐
20/09/2026
Mfoka Khanyeza Jaivazimnike_SA uma kuwukuthu ubungakawutholi umbiko ofana nalona ngicela uwuthole bhuti omdala ngyazi ukuthi uzoyenza lento uma lomlayezo ungafika kuwe,imnandi kakhulu lengoma eza nomfana omncane impela kushoda wena kuyo.
Click here to claim your Sponsored Listing.
Category
Address
Umsinga, KwaZulu Natal
Durban