Gog Langa

Gog Langa

Share

Medium

01/03/2022

(P3) UKULUNGISWA KANJANI UMA WAZALWA WEMBETHE.
Uma usufuna ukulungisa lesisimo sokuzalwa kwakho wembethe ubuyise isembatho sakho nezinhlanhla zakho kufanele ulungise lokhu okulandelayo. Uthenga izimbuzi ezimbili eyokuqala eyokushweleza emadlozini ukuthi kwalahleka ingubo yenhlanhla yakho bese kukhulunywa kuthiwe emsamo ngayo lembuzi Nina nonsibani bani sicela ukuvusa lengubo yalomntwana besho igama lakho kanye neziNhlanhla zakhe owazalwa nazo kuyothi uma seqedile akusho lokho ihlatshwe sekuthathwa umhlwehle wayo wembathiswe wona ebusweni, ithawula elimhlophe lokubeletha elimbathwa umama wakho ngosuku lomsebenzi, makusashiselwa imbuzi impepho isaphila lelo thawula limbathiswa imbuzi nawe. ( angithi mase kushiswa impepho nawe uyibamba ngophondo ) bese abadala babike ilimbethe, mese iyohlinzwa lelo thawula umama ulifasa emahlombe, lapho emsamo kubhekwe khona konke ukudla kwesintu ukuzodliwa ngakusasa nawe ulale khona kulendlu. Bese kulayithwa izibani ezimhlophe eziwu 7 nesiblue 1 nesiYellow 1. Uma sezimiswe lezibani zeladi bese ukumiswa ukhamba lwakho lwesi’zulu phahla ucele kulo izinhlanhla kulolu khamba kufakwa imithi emhlophe yezinhlanhla kulo ( I nhlanhemhlophe, ubulawu, umaVulwa kuvaliwe, isambulo, loslina kancane, ubuhlalo obumhlophe, mkhanyakude, uvela bahleke, iWoza woza, umlomo omnandi ect) l Lolukhamba lwakho uliphahla kathathu uliphahla ngenkathi bekwenzela lomsebenzi bese uvuka ekuseku ngo3am uliphahle futhi uphinde uliphahle ekuseni ukuwenza izinsuku eziwu5 lokhu. Kuvukwe ekuseni kuphekwe lembuzi bese ufakwa isiphandla esandleni sokuhla okuwuphawu lobubuyiswa kwezinhlahla zakho. Bese ngalesikhathi kwenzeka konke lokhu wena uhleli kulendlu yangephezulu emsamo njengomuntu ongonqile uphuma ngoba kukhona into ekuxhinayo uhlezi nomhlwehlwe wakho. Kudliwe ukudla sekothi ntambama sekuthathwa lembuzi yesibili sekuthiwa ngalembuzi emsamo siyabonga kunina basekutheni nisho isibongo ngokuthi lapha ekhaya kuzelwe ingane yenhlahla sesiyayicelela niyifumbathise izinhlanhla zayo besicela ukumebula umntwana lengubo yakhe enimbathise yona sesicela ukuba izinto zakhe zikhanye bese kusikwa ithebe lawo lomhlwehlwe uhlanganiswe nemphepho ushiswe uhongeliswe wona ucele izi

01/03/2022

(pt2) abumbheke uqale abe yihluli noma iqanda asuke emabili esiswini sika Nina leli elilodwa liyafa noma liyenda bese kusala leli lelilondwa kuhlangana yaleli bese ukuthi leli elinye selihlakazeka sembathe leli elinye suyothi uma uzalwa uzalwe uphakathi kwengubo noma iveyili. Uma uzalwe uyiwele kuyenzeka ube ngumfana kuyenzeka ube intombazane yingakho kuthiwa izinto zakho azihambe ngazimbili. Angenze isibonele uma uthenga ibhulukwe nomaisikibha kufanele thenge okumbili noma kungefane kwesinye isikhathi liyafika kuwe ngephupho lifune ingama okunye uma uyintombazane lifune nokukhuliswa uma usumdala nase usuze wathomba ngokuthi lwenzelwe usiko lomhlonyane. Umabuyinsizwa wazalwa wembethe kanti wembethe newele lomfana mzukwana unganwa uNkosikazi zokuqala akuyena kwakho ungowewele lakhe. Kumele kusukuela kuthethwa ubulandu kushiwo ukuthi lona oganwayo uyiwele ukumele umakoti Abe izinto ezihamba ngakubili zikaMkhenyane.

IZINKINGA ZESEMBATHO ESINGALUNGISIWE.
Uma umuntu ezalwe ekulesigaba sokuqala wase engasilungisi simdalela izinkinga eziningi kakhulu uma waye ngumuntu okulesigaba sokuqala engikhukume ngaso umunye uze ayothwasa kanti bekudingeka ukuba alungisi lesisimo omunye athwase aqede kodwa umsebenzi uvaleke kanti indaba isekutheni kufanele alungise ingubo yakhe. Uma umuntu ezalwe ekulesigaba sesibili izinto zakhe ziba nezinkinga uthole ukuthi usenamabhizinisi nezimonto kuhambe kuvela kushabalale konke umunye kufe izimonto kuphele imali izinto zakhe zihlakazeke. Ungaze usole abathakathi kanti indaba ilapha ekutheni awusilungisa isembatho sakho. Uma umuntu ezalwe ekulesigaba sesithathu naso uma ungasilungisile simdalela ezinkulu izinkinga uphendukelwa izinto nabantu imizamo yakhe yonke ayiphumeleli zonke izinto zakhe ziyahlakazeka. Imali ayihlali esandleni abantu bayambalekela nezinto zakhe kuningi izinto ezimvelelayo. Ziningi kakhulu izinto eziba vukelayo noma eziba uhlupho ezimpilweni zabo ngoba isidalwa sisuke sesicunukile ngoba sisuke sesikunikile izinto kodwa wena ungazilungisi izinto zakho usuke ungumuntu osesikhupheni okufanele wembulwe kubongwe nasedlozi ngesiphiwo esikuphile sona.

01/03/2022

(PT.1) UKUZALWA WEMBETHE.
Kuyini ukuzalwa wembethe kusuke lapho kuzalwe umuntu embethe isipho esithile asiphiwe abakubo ukungaba yisipho sokuba aphile ngaso. Zihlukene ngezigaba leziphiwo umuntu aphiwa zona ngabakubo noMvelinqngi ezinye zazo leziphiwo esokuba nencebo, ukukwelapha, ubuthandazi, njalo njalo!!!. Umuntu ozalwe embethe noma engaxile lowo muntu usuke engumuntu oneNhlahla ayiphiwe abakubo bahlukebe izigaba ezinthathu labantu.

1.OZALWE ENQWAMBILE.
Lolu uhlobo lwabantu abasuke bengabantu abanikwe isiphiwo esiphathelene nesokusiza abantu okungaba uMthandazi, Isangoma, Inyanga. Lolu hlobo lwabantu lubonakala ngokuba luthi luzalwa l**e ligaxile noma linqwambile nje ngesangoma kuyaba yithumbu leli elisuke lixhumane naye nonina ngisuke linqwambe kuye njengoba usuke ubona isingoma omunye bese embatha ngaphezulu okuyingubo.

2.OZALWE EFAKE UCU EMQALENI.
Lolu uhlobo lwabantu olusuke lugaxile emqaleni okuluhlobo lwabantu abanikwe incebo ayiphiwe abakubo ngoba basuke bemupha ukuthi akwazi ukuvusa muzi wabo. Lolu hlobo lwabantu lubonakala ngokuba luthi luzalwa l**e ligaxile lapha emqaleni okulithumbu leli elisuke lixhumane naye nonina. Leso senzo izazi zasedulo zikufanisa nomuntu osuke efake umgexo okhomba ukuba injinga.
3.OZALWE ESESIKWAMENI NOMA IVEYILI.
Lolu uhlobo lwabantu olusuke lufihlekile kakhulu bangabantu abaphethwe izidalwa bangabantu abakhulu empilweni abanephumelelo yonke into abayizamayo iyaphumelela. Lolu uhlobo lwabantu lubonakala ngokuba luthi luzalwa l**e sesikhwameni okuyilapho asuke elondolozwe khona isidalwa. Loluhlobo lwabantu bangabantu bezinhlanhla.
Umunye umuntu uzozibuza ukuthi ukuze umuntu azalwe embethe kwenzeka kanjani. Kwenzeka kanje kuyakuthi lapha uma unina ngenkathi ekhulelwa okhalweni lakhe kusuke ekhulelwe amawele bese ukuthi lapho kusaqala khona isigaba sokuba umuntu abumbheke uqale abe yihluli noma iqanda asuke emabili esiswini sika Nina leli elilodwa liyafa noma liyenda bese kusala leli lelilondwa kuhlangana yaleli bese ukuthi leli elinye selihlakazeka sembathe leli elinye suyothi uma uzalwa uzalwe uphakathi kwengubo noma iveyili. Uma uzalwe uyiwele kuyenzeka ube ngumfana kuyenzeka ube intombazane yingakho kuthiwa izinto zakho

28/02/2022

Amen ekhaya..ukuthula makwande .

Ake nginabe ngezibhobo ngokwahlukana kwazo .
1,isbhobo esikuhlaba kwaleft phansi kwenhliziyo esikuhlaba kancane sime ..ubokwazi ukuthi sibika okuyicala emsamo wakho..kuyenzeka kunanele neso okanye indlebe yakwa left.

2.isbhobo esikuhlaba ovalweni sigijime sehle ngenkaba iskhathi eziningi kusuke kungesomkhokha owdonse kumuntu noma kulowo muzi obukade ukuwo..iso lesi esiqeda izilwane makunempi okanye inhlambuluko kulowo muzi..uzwe kuthiwa inkomo igule yafa okanye imbuzi..kuthi minqedelwa igazi libe amahlule noma izigaxa.. 3.isbhobo esikuhlaba kwa right ohlangothini kuyenzeka kube esabantu abakugadlayo kodwa ma singakusheshisi amacala esekhaya kobaba wakho kusuke kunezinkulumo eydalweni manje uwena ongakwazi ukuzixazulula ingakho behlupha wena..kuyaba futhi esomkhokha.

3.isbhobo esikuhlaba ngemuva esphangeni kujwayelekile kube esezitha ziyakuphosa .

4.isbhobo esikuhlaba enkabeni sinyuke sisho ukuphuma ngomlomo maqede qhaqhazele kube ngathi ubanjwa inkwantshu egijima emzimbeni usuke unemimoya emkhulu kuyenzeka idlozi nikhulume kuwe okanye isthunywa uzibe abanye babuya sebegula eynkonzweni kanti uyena akafuni ukuhlambuluka bese lidinwa idlozi lishaye yena..omunye uze aquleke nkonzweni.

5.izibhobo ezihlaba emalungeni omzimba omunye avuvukale izandlla nezinyawo kungahambeki..idlozi lisuke lifuna insonto okanye ubuhlalu Balo...lifuna umsebenzi walo livukwa umona malibona usebenza omunye umsebenzi lidinwa lize likukhiye emalungeni okudlula lapho likuxoshise,likuzondise ngabantu omunye kuze kungasebenzeki.. Ngiyema lana nami bengdlulisa olwami ulwazi niyazike nani ulwazi alufani

Want your business to be the top-listed Beauty Salon in Empangeni?
Click here to claim your Sponsored Listing.

Category

Telephone

Address


EMakhwezini
Empangeni
3880