Mdavu Wamaqiniso SA

Mdavu Wamaqiniso SA

Share

Siyahlola siyelapha ngemithi nangeziwasho. WhatsApp 079 107 6853

05/07/2026

Camagu

Uma ngihlolela umuntu ngiye ngimubhekele kuqala umuntu omumele ezulwini. Lowo umuntu akathi uma ezalwa uNkulunkulu wamutomula esizukulwaneni sakubo ukuthi kube uyena omuphathela izinhlanhla zakhe kuze kufike usuku lokuhamba emhlabeni.

Uma lomuntu engasondele, engcolile lokho kungaba imbangela yokungalungi kwempilo yakho. Kungaba nezingqinamba empilweni yakho uthole ukuthi uyahlupheka ekubeni wena uphathelwe izizumbulu. Ingakho kokunye mawufika kumelaphi athi uma ehlola athi why wahamba ngezinyawo ngibe ngibona izimoto empilweni yakho. Konke lokho kusuke kubanjwe ukhiye omncane nje okungulomuntu okumele ezulwini okufanele nixhunyaniswe naye.

Lana ngikhuluma ngesithunya, ithonga noma ingelosi. UNkulunkulu kuphela who decides ukuthi ukunika ini wena. Lokhu kumqoka ngoba kufanele uqonde ukuthi uma kuthiwa umelwe isithuywa, akufanele nakancane wena ebese ugijima uyothwasa. Yebo ungazidla izinkamba ubhodle, kugcina lapho ungadluleli ekuthwaseni ungaze ungcolise isithunywa uthwasele amahhala ubuye ube umphuphe ongahloli uphile ngokuhamba imgidi udlana nezimbuzi nazo ezinye ezingcolile.

Owesthunywa uba ngumthandazi ahlole alaphe ngamanzi nziwasho kokunye.

Owethonga kuba isangoma noma ubunyanga lapho uhlola ngempepho, amathambo, amanzi, ikhandlela ulaphe ngemithi neziwasho. Lengxenye iyakwazi futhi ukuthaka imithi yokuphindisela nokucupha.

Owengelosi yena uxhumana kakhulu nolwandle kanti uhlola ngezibani eziyimibala ekhethekile, angahlola futhi there and there lapho nisuke nikhona kungadini ashise lutho kodwa axoxe indaba njengoba injalo. Lana it's usually aba profethi, bona bayalapha ngokukuthinta, amanzi athandazelwe kanye neziwasho. Bona baxhunywe ngqo nezingelosi zezulu.

Abaningi-ke abantu in general kanti bayakwazi ukuhlola using inhlanganisela yemithi edonsayo ixoxe nabo izindaba zakho eziyinkinga kuwe futhi bayazi nemithi yokukwelapha. Laba-ke basuke besebenzise imithi(izizwe, amabutho) ekwazi ukuhlahla umuntu from A up to Z abakhipha ngisho amagama aban

Send a message to learn more

Photos from Mdavu Wamaqiniso SA's post 03/07/2026

🕯🧎‍♂️
Your time is coming, free your heart & free your spirit, manifest, have faith & play.

21/04/2026

🕯👏🏻 Emakhosini

Ake ngendlale umsebenzi nosizo olutholakala layikhaya :-

Ukuhlola
Ukulahla isilwane
Ukulahla ispoki
Ukuqaqa isibopho
Ukugeza idlozi
Ukugezwa amathunzi
Ukuqinisa umuntu
Ukuqinisa umndeni
Ukuqinisa umuzi
Ukuqinisa imoto
Ukuqinisa business
Ukucupha isdumbu
Ukucupha ithuna
Ukulapha ischitho
Ibhodlela lesalamusi
Ibhodlela lesgqabo
Amafutha emali
Amabutho emali
Isbunge sebhizinisi
Ishisa lemali
Isikhafulo se phone
Izingcabo zothando
Intelezi yegceke
Uphondo
Isiwasho sesichitho
Isiwasho senhlanhla
Isiwasho sothando
Izinyamazane
Insizi kashukela
Insizi ye stroke
Insipho yothando
Umvusa (oil)
Umvusa (khotha)
Isikhafulo somoya
Amafutha ezintombi (ladies)
Shower gel (yenhlanhla)
Body lotion yenhlanhla)
Insizi yelumbo
Ivimbela

20/01/2026

🕯👏🏻
Sekusile.
Isithwalo sedlozi ngisibuyekezile ukuvikela, nokuphepha kwakho, umndeni wakho even extended family.

Lesithwalo bakithi asisadinge kugcaba nani nani, esikwenzayo ukususa amathunzi kuwe kuqala emfuleni ohambayo, ebese sisebenzisa ikhandlela elimhlophe kanye neliphuzi. Lesisithwalo kuwe kuzodingeka R9400 cash notes, R100 silver coins(R2's & R1's only) sachet of cinnamon. Siyenza umsebenzi uhambe uye ekhaya uqhubeke nokukhanyisa izibani ubize imali ucebe ingunaphakade. Uma ungasayifuni imali uthatha lezinto uyozigqiba ehlane noma uziphose emanzini ahambayo.
Sizoqala mhlaka_19 ukusenza kwabasidingayo.
: Angibalanga mhlatshelo-ke lana kepha ngibale only 3things. Siphephile kakhulu noma ngabe una 19yrs ufunda eNyuvesi siyakusiza, as long as udinga imali nje empilweni yakho.

Photos from Mdavu Wamaqiniso SA's post 08/10/2025

Camagu
Siyacathula ngamafutha emali koze kulunge

22/09/2025

👏
Thokozani Ngyabingelela 🙌🏽

Induku... yokulanda impahla elahlekile noma mawugqekezelwe

1 uMabuya
2 Ababuyisi
3 Mwelela kweliphesheya
4 Sheshelifike
5 iNgebhe
6 Mzunywa wezikhova
7 iLetha elimbovu

(Uvuka Malibeni)

Amafutha

OMkhovu
iMbongi

Gaya Lemithi yibe iMpuphu ufake Amafutha mase ufaka izibi zalapho okuthathwe khona impahla ukushise lapho ukuthethise ukuthume usho ukuthi awungapheli u 2days zingabuyanga izinto zakho

Ozthathile uyokubona okwabonwa usawoli

Ikhona esiyenziwe kimi

Inbox or call 0671279696

12/09/2025

🕯👏🏻
Camagu
My journey has not been easy, I left a government job kabuhlungu ukulandela lolubizo.
I tried to resist lokubizo for 5yrs and imiphumela yalokho ayibanga mihle. I knew kwakuwubizo ngoba nakamlungu kunezinto nakhona engangiziboniswa, sengizondwa abathile ngoba ngibona izimfihlo zabo. My parents babekhonza eAfrican Congregational Church and indaba yalento yami babengayizwa nje. Ngangingena ezingozini zezimoto kepha ngiphume ngingenamyocu, kungaphuki ngisho ithambo, kangangoba I couldn't even claim ka RAF ngoba I was always getting discharged at casualty ngangingafiki ngisho eWodini. Kwahamba ngabona ukuthi izinto zami ezamabomu. Kuthe kusuka kwaba ama miscarriage kumuntu engizwana naye nowaze wangishiya ngenxa yalento, ethi ukufa noma umnyama ukimi, yebo wayeqinisile, kwakumele ngiluthathe loluhambo, ngedwa futhi.
Langa phelelwa khona umsebenzi, kwafika umuntu thizeni oyinyanga wathi abadala balwa nami nje ingoba umsebenzi abanginika wona angiwubonganga, lapho ngawenza ngabonga nkosi yami like 18yrs back. Aike nebala ngawenza ngithi kuzoba nomehluko. First Monday ngibuyela kamlungu kade ngenza umsebenzi wokubonga, ngafika ngathola amaphepha e okumiswa emsebenzini pending disciplinary. Ilapho engabona khona ukuthi umsebenzi ebengiwenza ngidlale ngemali yami, in fact imina engizixoshise kamlungu. Ngavele ngenza kwaba lula, I resigned.

Ngaqala ngalungisa impilo yami, avuleka amaphupho basho bona qobo ekumele ngikwenze, until today angizisoli ngoku resigner kwami. Engithi nje uma iskhathi singakafiki kwamele ubekezele, zikunethe zikushaye uhlupheke kepha unyamezele.

Kumanje sengenza izinto empilweni engangingaziphuphi nhlobo, like ukuganwa. Nginabantwana, nginabazukulu, nginemoto impilo iya ngokuya phambili day by day.
Empilweni awufundi ngamaphupho omunye umuntu ngoba sizalwa futhi sabelwe okuhlukene umuntu nomuntu ophila phansi komthunzi welanga.

Nakuwe kusazokhanya.

Photos from Mdavu Wamaqiniso SA's post 09/09/2025

🕯👏🏻
Wena ogembulayo ake uzijwayeze amafutha emali ubone imilingo

07/09/2025

🕯👏🏻
Onesilwane uyasizakala, isichitho, isipoki, isifo sokuwa, cancer stage 1, ilumbo, ibhande, ukopha okungapheli, ukucupha inxeba, ukucupha ithuna, impahla elahlekile within 3months.

Want your business to be the top-listed Beauty Salon in Pietermaritzburg?
Click here to claim your Sponsored Listing.

Category

Telephone

Address


Pietermaritzburg
Pietermaritzburg
3201