IGULA Lamathonga
Contact information, map and directions, contact form, opening hours, services, ratings, photos, videos and announcements from IGULA Lamathonga, Health/Beauty, 21825 tshelimnyama, Pinetown.
sanibonani nonke balandeli bekhasi legula lamathonga sesibuyile kulonyaka siza nokuningii sizobe sichaza amaphupho nokunye wnizokubuza enifisa ukuhlahlelela kukhona inamba ayikashintshi ithi 0785256209 enye ithi 0814038842 ngyatholakala from 08;00 to 4:30 ngezimpelasonto 9;00 to 1;30 ngyabonga kwande
Hallo ngyanibingelela nonke kulelikhasi sesiwusonga lonyaka ngithi asibonane onyakeni omusha lapho sizobuya ngomfutho omkhulu nolwazi olusha asilokhu sibeke indlebe kilo iGula Lamthonga syabonga
Ngiyabingelela kulengosi esisize abaningi ngolwazi nenjula yesintu ngithi futhi angibabonge Malabo ababuyela kumina kanti nemibuzo ngiyilindele kulokhu esesake sakhuluma ngako nokunye ongathanda sikhulume ngako esingakakushicileli kulona lelikhasi njengokuzaleka komalume akusilo ihlazo ngoba akekho okhetha indlela yokuza kumbe yokufika emhlabeni alikho idlozi elikuvikelayo nelikupha inhlanhla njengelakomalime ukuthi omalume kumele bakuqonde ukuthi umshana akasoze Alin tshontsha idlozi lakomalume ngoba kusuke kungaphahli yena uyaphahlelwa futhi Yibona omalume abakhulumayo emsamo kanti nawe malume ungadazi inkani ngoba uzazi unamacala kodwa ngokufika kukamshana hleze namacala akho angatha jiswa ngoba Amandla awali gani mhlambe ngokuvumela umshana azokwenzelwa kini isiqalo sokuvuleka kwezinto zakulelokhaya lento yibuke kanje liyakwazi ithongo lakomalume lingene kumshana ngoba Nina niezingxabano zenu osekwahamba nabanye zingaxazululeki umshana Abe yisisombululi ngyema lapho akubekuhle
Ngyanibingelela ngaphansi kwalengosi IGULA Lamathonga sisesikhthini lapho sigubha futhi sibungaza iphasika nathi yilapho sizothile,sizilile nangemisebenzi yethu sikhimbise nenhlonipho Kulabo abasiletha baphinde bavuka kithi ngemimoya yokuphilisa.Kulesikhathi asithinti lutho futhi asichithi ngisho negazi njengabantu besintu abagcina amasiko,imvanmisa uma wenza izinto ngalesisikhathi ezithinta imisamu azilungi ngoba wonke amathonga asuke ezilile nokuthi njengoba sazi ukuthi kunoMvelinqangi umdali wezinsuku siyamethemba phela nathi siyizidalwa zakhe,ubudalw buqala umuntu esaphila ngoba sidalwa Nguye, umuntu uma esendele kwelamathonga ebesebizwa ngethongo ngoba sikholelwa ukuthi usuke eselele ubuthongo futhi siyabathonga la obantu uma bezivakashile siyesithi siphiphile uma siphimelela ezifisweni eziphumelele kuzo ubusuzwa ethi umuntu ngiphuphe ukuthi,umuntu akaphuphi uyabathonga abakubo kuzomele sikuhlukanise lokho akufani.Kubekhona lokhu okuthiwa izilokotho,lokho izimiso zikaMvelinqange okungamele siphikisane nazo usuzwa abantu sebethi asithumelele umuntu komunye izilokotho ezinhle kahleni bakwethu uMdali wezinsuku yedwa onezilokotho/izimiso njengoMdali Thina siyahalaliselana ukugwegwa kolwimi sekwenza sengathi sikhuluma okuyikho ngaleyondlela seuyalahleka ulwimi.Uma kuqonda Lona akuyoba khona ukuphambuka noma usuphahla kumbe usuthemeleza kwabakini asebalala nabaphilayo abaqonde ukuthi ukhuluma nini kanjani nangayiphi indlela lapha kwiGula Lamathonga siqondisa siphinde sakhe Sizwe sakiyhi esiMpisholo sishiye nomlando omuhle esizweni naseZweni lokhokho bethi syema lapho okwanamuhla ngithi nje Makwande.
IGULA Lamathonga Health/beauty
sithanda ukuxolisa ngokuthatha ithuba nesikhathi eside ukubuyela kulengosi ayivaliwe futhi ayisoze yaphela sizobuye sibuyele ekulobeni sidlalise usiba lwethu zisazobuya namajoka asime lapho okwanamuhla
Ngyabingelela kulengosi IGULA Lamathonga ngenxa yomsebenzi obuye usivalele ukuthi singakwazi ukubhala sekuze kufike lesiskhathi sokusonga lonyaka kwesinye isikhathi siyesinazise ukuthi zivulelekile izingcingo nokuthi nisibhalele khona nizothona izincazelo .Kuyenzeka udinge into ungayitholi kwesinye isikhathi uthembele kumuntu ucabange ukuthi kuzolunga Kanti ukhulumisa umuntu onamacala kungezwakali nokucela ethongeni lakini.
Labantu esithi badala bayaziphambanisa izinto,kwabanye ukungabinalwazi komunye ihliziyo egobile akamfiseli omunye okuhle kodwa loyo Kube kungowakwabo,Kubo kakhulu uma uyikhohlwa.Yini kambe (IKHOHLWA) yiloyomuntu ozaleke waphakathi nendawo okuthathwa njengokuthi abanazwi abangalibeka ekhaya,inzima impilo yalabobantu ukunukwa nokunganga emndenini kukho njwabona noma bephumelela kuthiwa sebecwiye idlozi.Kubakuhle uma niwumndeni yiloyo naloyo azithunqosele impepho kwakhe ngoba uma enzelwa akugculisi Kanti yibo Abantu abayebabe nenhlanhla nempumelelo ibakubo bazifundisa ukusebenza kanzima ngoba abasibona ondlafa ababhekelutho emakhaya,Funda ukuphahla ukhulume nabakini bazokuzwa ngoba nawe iyigazi labo alikho ibhadi eliyokwehlela uma ukwazi ukuzokhulekela Pho! Ungahlulwa yini ukuthi ukhulume nethonga nalo lizokuzwa kodwa lokhu ungakwenza uma usunomuzi wakho okuwumuzi kayihlo, lokho kwakwenzelwa ukusabisa amanye amalingu omndeni nokuba nomgolo womzali efuna loyo amthandayo ahlezi enyathela amakhanda abanye ubaba wayenikeza loyo ovele kuqala Amandla ngoba wazibona ngaye ukuthi usekwazi ikuletha umuntu emhlabeni okakhulukazi uma ezibile ngendodana wavala ngayo futhi abazaleka phakathi abayilutho kunalaba kodwa futhi yena umzali uyadinga ukuhlomula uma IKHOHLWA liphumelela asifundeni ukuzibambela ngoba awunaluyho Kini yikini uma usakhula ngalekwalokho phuma lapho loyombango awukufanele ngyema lapho akubekuhle syabonga
You can wattsapp me on 0785256209 number
IGULA Lamathonga Health/beauty
Ngyanibingelela kulengosi yanamhlanje namhlanje sizokhuluma ngokubaluleka kokufuya ekhaya.Emakhaya sikesenze amaphutha singaqondile Kanti sesiyanyathela kwabadala singazi,kwesinye isikhathi ithonga lixwayise ngengozi ezayo rnge Za kuhambe umuntu kumbe abantu ubhubhe umndeni kungafanele kodwa uma kufuyiwe indaba iqala emfuyweni,kwesinye isikhathi izinto ezenziwa abantu ithonga liyikhaphezele esilwaneni esifuyiwe,nokukhalala kwabadala uma bekhalela okuthile nibaziba baqala khona emfuyweni.Ikusebenzisa isilwane osifuyile uma wenzela abadala kuyabajabulisa ngoba phela yobo abebebheke lemfiyo umsebenzi loyo uyaphimelela Kahle futhi bayayandisa ngoba iyayoveza kubona onhloso yokuthi yini eyenza ukuthi ufuye,phela awufuyeli ukuthi uhlobise utuswe kodwa le impahla yabo,uma kushoniwe iyasebenza impahla,ukwenzela izingane iziphandla,imhlonyane nawo uthatha empahleni yabo,uyamulisa bakhona ukhomba empahleni yabo ngoba vele wenzela izingane zabo,onedlozi nalo likhomba esbayeni Sabo,oyolobola bakhona ziphuma esbayeni.Muhleke loyomfazi ongene ngezinkomo eziqhamuke esbayeni ngoba nethonga lishadanaye eyokuganga ubakude naye ngaphandle ima kunomkhuba okhona kunogogo ongenzelwanga Kahle loyo uyaye abachiyhe omakoti ngoba naye ubefana nentombi kulelikhaya wazewashona ihlale ekhweleza uyoze apheleliswe besekudlulake lokokugula pkuhlasele abafana balelokhaya Kanti namantombazane awaphephile omunye uhlupheka aze abuye emzini uphele umendo,logo uyakwazi ukungena kumkhenyana aqonywe kakhulu kuzekubhidlike nomendo womzukulu abuyele ekhaya,kwesinye isikhathi agangise izingane ngyema lapho nibenosuku oluhle okumhlophe
Syabingelela futhi balandeli balelikhasi igula lamthonga lengosi besiyakhela ikukhomba indlela abantu asebelahlekile ekugcineni izinto ngokosiko lwabo nangendlela izinto ezenziwa ngayo,esintwini kunnosikompilo,nemikhuba Kanye mentor eyenziwa esigodini ebese siyibiza ngosiko,besekubakhona abalandela izinto ngokwenkolo besebeyhi benza usiko kwakubi.Bakwethu asikwazi ukuthi sithi senza usiko sibesilandela umtheyho wenye indoda kumbe umama mprofethi kodwa uthi Wena into yakini,bazofuna ukulokhu befaka izandla edlozini lakho,awukwazi ukuphahlisa umuntu wakomunye umuzi Kini bese ubheka ukuphumelela idlozi lakini laziwena,kadengine Yanga izongenzela umsebenzi owakabani lomuntu,uyaziwa yini Kini,ihlobene naye ngani,uma uzogcina amacala akini ngendlela Angeles udinge ukuphathelwa njengengane encane kodwa uzibiza ngoMnomzane kumbe ubaba walelokhaya uvilapha ukufindisa izingane nazo zifinde kuwe,uma wonile xolisa kumbe shweleza kwabakini amacala alelikhaya aziwa uwena ungaya kozwa uma kukhona ikudideka kodwa hamba uyobhekana namacala akini uwedwa noma cela omdala emndenini akukhulumele uma iyibhimbi,kufana nokuthi ulokhu usola abakwenu uma bezama bephumelela uthi yobo abakubhedisela izinto Kanti kumele uzinuke Wena amakhwapha,ingaboya esangomeni usuthwele ekhanda ukuthi uyabulawa ubulawa Kade Unani,awukwazi ukuthi uyazondwa ungayobhekanga inhloziyo yakho kuqala ukuthi Yona iyabathanda yini abakwayo,uma nenyanga yawala yakhomba abakwenu phuma lapho umshiye loyomuntu isoqibulo sezinyanga sithi(Sakha Isizwe) awukho umuthi olaphayo owenzowa ngesiciyo somuntu ibuthakatji lobo,asakheni Isizwe esiyophola isikhathi eside sobusiseke futhi makuMdali soma laphoke pkwanamhlanje kubekuhle syabonga
Ngiphinde ngibingekele kuyo lengosi IGULA Lamathonga kuleliviki akukho esizobhala ngakho ngenxa yokuxinwa umsebenzi kodwa siyilindele imibuzo yenu nikhombise ukuthi sisendawonye ningafona noma nisibhalele ngoba sinemba inxeba yiwo lo u(MHLABANKOMO) syabonga sisale Nomusa
Ngyabingelela Kini nonke balandeli balengosi uma kufanele uphe abadala bakini kumbe ubenzele umsebenzi uqala kuphi.awuyidingi inyanga ezokuphahlela kumbe isangoma.Umsebenzi uyawubika kusasele iskhathi wenzela naloyo omenzelayo akwazi ukumema abahle adlelana nabo,lokho kuyasiza nakuwe uma kungakahlangani naloyo omenzelayo akulekeleke nonsumbulwana vasheshe bahlangane nomsebenzi uhambe kahle.Ngoba usesuke esebikelwe,wamema kwenza izinto zibelula.Awukwazi ukuthi wenza umsebenzi wamadlozi ungaqondanisi namuntu,uma kuwuMkhulu uyena ozimemelayo kanjalo bakuGogo ngaphandle uma ungenisa izidalwa lwashintsha ulwimi sithi manje Izidalwa ngoba laba abangasekho abakwenu izidalwa zakini ngoba sebalala,isdalwa umuntu wakini osewalaka osevela ngezibonakaliso.Oletha umlayezo oxwayisayo kumbe kunokhalakayo noma ozozicelela ukuthi aphiwe okuthile.Umsebenzi uwubika kusasele amasonto amabiki ngaphambi kwelanga lomcimbi,awuyi emsamo uvathazela ngoba abasibo abangani bakho sebeyizidalwa zakwenu,islwane ozokwenza ngasho umcimbi sifika ngayizolo silale vasibone abanikazi bekhaya asebalaka basibungaze ,ngesizulu kuthiwa inyamazane yabadala.Sihlatshwa uma selithambeme sekukhona wonke umuntu ekhaya nazo sezibuyile ekuhambeni,akuhlabi noma ubani yinye inhlabi yekhaya,nophahlayo akuphahli noma ubani munye ophahlayo,ahlabe bethe abanye.Ummese wokuhlaba uthintwa uyena yedwa kwenzelwa kuthi noma sekonakala abakhona ozobekwa icala ngoba uyena yedwa esondelene nalezizinto Noma sekukhishwa izithebe uyena olawulayo,loyomuntu akube umuntu ongenagcobo futhi ongengacala amsalele emsamo,akangabi nehliziyo enamazondo ozokwazi ukwenzelwa wonke umuntu noma ngabe akugcwali Kahle ngaye enhliziyweni syema la okwanamuhla nisale Nomusa syabonga
IGULA Lamathonga Health/beauty
Ngibingekele kinina nonke Bantu bakwethu sithanda ukuxolisa ngokuvele sinyamalale singanazisanga sibenokumpintshwa eminye imisebenzi kodwa sesibuyile sesizoba nezinsuku zokukhipha iziqephu ezilandelayo sesibhala ngolwesihlanu ngenxa yeminye imisebenzi esiyenza phakathi nezinsuku ngamanye amazwi besicela nilindele esalelisonto asihlangane ngalolosuku.Nibuze izimpendulo zizitholakala futhi kuyo lengosi akubekuhle
Click here to claim your Sponsored Listing.
Category
Contact the business
Telephone
Website
Address
21825 Tshelimnyama
Pinetown
3610
Opening Hours
| Monday | 09:00 - 17:00 |
| Tuesday | 09:00 - 17:00 |
| Wednesday | 09:00 - 17:00 |
| Thursday | 09:00 - 17:00 |
| Friday | 09:00 - 17:00 |
| Saturday | 09:00 - 17:00 |
| Sunday | 09:00 - 15:00 |